Skip to main content

iSIMANGALISO SIBUNGAZA USUKU LWAMAXHAPHOSI

02 February 2024
iSimangaliso Wetland Park sijoyine umhlaba wonke jikelele ukubungaza usuku olukhulu lwamaxhaphosi ngokuthi sichithe usuku lonke sihambela lama xhaphosi atholakala eSimangaliso sihambisana nabafundi besikole esiwumakhelwane nepaki okuyiSiyaqala High school. Lesi sikole sitholakala khona lapha eMtubatuba (eNingizimu yepaki). Abafundi abangamashumi amabili nambili babe ingxenye yalo mjikelezo lapho befundiswe khona ngale mvelo. Kule mvelo engamaxhaphosi kuvikeleka kuphinde kunothiseke amanzi, kube indawo yokuhlala izinhlanzi kanye nezinye izilwane eziphila emanzini. iSimangaliso Wetland Park indawo egcina amagugu omhlaba kuphinde kube ikhaya lamachweba amane abaluleke kakhulu okuyilawa; ichweba laseSt. Lucia, iSibaya, uMgobozeleni kanye nechweba laseKosi Bay. Ukubungaza usuku olufana nalolu kubaluleke kakhulu lapha nasemhlabeni wonke jikelele.
iSimangaliso sibungaze lolu suku ngaphansi kwesiqubulo esithi “Amaxhaphosi kanye nenhlalakahle yabantu”, okubheka kakhulu ukuxhumana okukhona phakathi kwabantu kanye namaxhaphosi, lokhu kugqamisa ukubaluleka kokuthi kulungiswe isimo samaxhaphosi sibuyele kwesifanele umhlaba wonke. Abafundi balandwe esikoleni sabo ngebhasi leSimangaliso, bangeniswe ngaphakathi epaki ukuvakashela zonke lezi zindawo ezingamaxhaphosi kanye nokufundiswa kabanzi ngokubaluleka kwala maxhaphosi kwimvelo. Baphinde bafundiswa ngezinto ezibeka amaxhaphosi engcupheni okufaka phakathi ukungcoliswa kwawo, ukudoba ngaphandle kwemvumo kuwo, kube ukudoba kusetshenziswa inethi kanye nenselelo enkulu yezilima okungezona ezakuleli ezimila emaxhaphosini.
Kulo mjikelezo kuvakashelwe iCatalina Bay, iMission Rocks kanye noMziki lookout point okuyindawo ephezulu ebonisa kahle ichweba laseSt. Lucia okuyichweba elibaluleke kakhulu eSimangaliso Wetland Park. Umjikelezo uphethwe ngokuthi kuyiwe emlonyeni wechweba lapho uDokotela Riaan Cedras , abe nesethulo kubafundi mayelana nokusebenza kwechweba. Wachaza kabanzi ngokubaluleka kwechweba kwimvelo, wabalula okwenzekayo uma kuvaleka noma kuvuleka umlomo wechweba. Wachaza ukubaluleka kwala manzi echweba kanye nokuhlangana okuba khona phakathi kwamanzi ahlanzekile echweba kanye namanzi anosawoti asuka olwandle. Ukuphila kwabantu kuncike kakhulu kwimvelo, ukuxhumana okuhle phakathi kwabantu nemvelo kungaba nomthelela omuhle ekulungisekeni kwala maxhaphosi abhekene nengwadla.

End

-Iyaphela-
Isitatimende sikhishwe iSimangaliso Wetland Park Authority
Abezindaba bengaxhumana no:
MLO: Mr Bheki Manzini
Call/Whatsap: 060 533 2082
Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.