Skip to main content

SEKUVULIWE UKUFAKWA KWESICELO SOMFUNDAZE ESIMANGALISO

12 February 2024
iSimangaliso Wetland Park Authority sinxenxa abafundi ukuba bafake izicelo zokuxhashwa ngemifundaze kulo nyaka ka2024. Njengenxenye yokuthuthukisa imiphakathi eyakhelene nepaki, lolu hlelo luhlose ukusiza kakhulu abafundi abangathathintweni abahlala emiphakathini engomakhelwane nepaki. Lolu xhaso lufaka phakathi ukulekelela abafundi abenza unyaka wokuqala eNyuvesi ukuba bathole ukululekwa ukuze bezosheshe bajwayele impilo yaseNyuvesi.
Uma unyaka uqhubeka, abafundi kuyenzeka bathole ithuba lokuthi baqeqesheke baphinde bathole isipiliyoni mayelana neziqu abasuke bezenza ngokuhlukana kwazo. Lokho kunika ulwazi oluthe thuthu kanye nokuqonda kancono ngeziqu umfundi akasuke ezenza. iSimangaliso Wetland Park Authority sasungula loluhlelo ngonyaka ka2010. Selokhu lwaqala, seluxhase abafundi abayikhulu namashumi ayisishiyagalombili nane, okungabafundi abasuka kule miphakathi engomakhelwane nepaki. Abafundi abayikhulu namashumi ayisithupha nesishiyagalombili sebegogodile kwaNgqondonkulu, abangaphezu kwamaphesenti angamashumi ayisithupha kulaba sebeyasebenza, kubo abangamaphesenti angamashumi amabili nanhlanu baqashwe iSimangaliso. Lolu hlelo luxhasa abafundi abasuka kule miphakathi engomakhelwane nepaki abenza umkhakha wezokongiwa kwemvelo, ezokuvakasha kanye nabenza izinqu eziyamene nokuthuthukisa imiphakathi.
iSimangaliso siyaye sisingathe imihlangano eyahlukahlukene kanye noqeqesho senzela abafundi abasuke behlomule kulolu hlelo. Abahlomuli baloluhlelo bathola imali, kanye nokuqeqeshwa mayelana nokubhekana nencindezi. Abahlomula kulolu hlelo bathola imali yokubhekana nezidingo, idatha, ileptophu kuthi uma umfundi esenza unyaka wokugcina eNyuvesi enzelwe izincwadi zokushayela. Lolu wuhlelo olumqoka kakhulu eSimangaliso kanye nakumkhandlu waseMkhanyakude ngoba lushintsha izimpilo zabantu ikakhulukazi intsha enesifiso sokufunda kodwa kube nenselelo yobubha. Kuhloswe ukuthi intsha yakule ndawo ithole ukuqeqeshwa kanye nokuhlomiswa ngolwazi namakhono kwezokongiwa kwemvelo kanye nezokuvakasha.

Kulesi sikhathi yilapho iSimangaliso sinxenxa khona abafundi ukuthi bafake izicelo zokuxhaswa ngaphansi kwalolu hlelo. Kudingakala abafundi abayishumi abazoba nalokhu okulandelayo:

  1. Umfundi owenza unyaka wokuqala kulezi zikhungo; iNyuvesi yaKwaZulu Natal, iNyuvesi yaseZululand, iNyuvesi iMangosuthu kanye ne-Durban University of Technology.

  2. Abafundi kumele kube wukuthi basifakile isicelo sokuxhaswa iskhwaba esixhasa abafundi esaziwa ngokuthi i-National Student Financial Aid Scheme futhi kube nesiqiniseko sokuthi isicelo sakhe samukelekile kulo nyaka.

  3. Abafundi kumele kube ukuthi babhalisele imikhakha efana nokongiwa kwemvelo, ezokuvakasha, ukuthuthukiswa kwemiphakathi, ezamabhizinini, ukufundela umthetho kanye nobunjiniyela njalo njalo.

  4. Kube umfundi wakuleli lizwe, kube ukuthi ungumsuswa walapha eSimangaliso okanye uhlala ngamphansi komaspala wesifunda Umkhanyakude noma kumasipala waseMfolozi ikakhulukazi abafundi abasuka kwaSokhulu.

iSimangaliso sihambela lezi zikhungo ezibalwe ngenhla ngenhloso yokunxenxa abafundi. Abafundi abafisa lolu xhaso bengathola ifomu lokufaka isicelo kulesi sizindalwazi seSimangaliso (www.isimangaliso.com). Usuku lokuvalwa kokufakwa kwezicelo umhlaka 24 kuNhlolanja 2024.

End

-Iyaphela-
Isitatimende sikhishwe iSimangaliso Wetland Park Authority
Abezindaba bengaxhumana no:
MLO: Mr Bheki Manzini
Call/Whatsap: 060 533 2082
Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.