Skip to main content

EZOKUVAKASHA KANYE NOKUHWEBELANA NGENZUZO IMPELA KUYANQOBA ESIMANGALISO WETLAND PARK

24 March 2024
uNgqongqoshe kazwelonke wezamahlathi, ukudoba kanye nezemvelo uNksz. Barbara Creecy uwuhlobo loNgqongqoshe oluwukhathalela kakhulu umsebenzini wakhe, lokhu bekushiwo umphakathi ngenkathi kunemihlangano lapho uNgqongqoshe ebehlanganyela khona nemiphakathi ezindaweni ezahlukene ezakhelene nepaki. uNgqongqoshe wenze umjikelezo ngenhloso yokulandelela inqubekela phambili kumaphrojekthi enziwe iSimangaliso kusabelomali sonyaka ka-2023/2024. Kuhlomule izinkulungwane zabantu ngamathuba emisebenzi kulolu hlelo kwaphinde kwasiza kakhulu ukuxosha ikati eziko emiphakathini eyakhele umkhandlu waseMkhanyakude owaziwa njengesizinda sobubha.
Lokhu kuxhumana okukhona kufaka phakathi izinkinga ezikhathaza abalimi, abadobi kanye nenhlalonhle yemiphakathi engomakhelwane nepaki. uNgqongqoshe ujabule kakhulu mayelana nosekwenziwe echwebeni laseSt. Lucia, uMnuz. Craig Edgar waqinisekisa ukuthi mukhulu impela umsebenzi osuwenziwe maqondana nomlomo wechweba, umfula uMfolozi kanye noMsunduzi. Waveza ukuthi, bahlose ukuthi ngomhlaka-25 kuNdasa 2024 umbiko ube usufikile ehhovisi likaNgqongqoshe. Ngemuva kwalokho, bakholwa ukuthi kuzobe sekuqaliswa uhlelo lokuthi kukhucululwe echwebeni okusho ukuthi kulo nyaka bazokwazi ukulima. uNgqongqoshe wahlangana nemiphakathi, ebabambe iqhaza kanye nabahlomule ngamathuba emisebenzi ukuzwa izimvo zabo.
uMnuz. Bukhosini (umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park) wachaza emhlanganweni inhlosongqangi yokufika kukaNgqongqoshe. Waphakamisa ukuncoma bonke ababambe iqhaza lokusebenzisana neSimangaliso emkhakheni wezokongiwa kwemvelo kanye nezokuvakasha. Waveza ukuthi kuningi osekwenziwe njengamanje ukuqinisekisa ukuthi ubukhona beSimangaliso kanye nokongiwa kwemvelo kuyayihlomulisa imiphakathi engomakhelwane nepaki. Kunezinhlelo ezikhona njengamaje ezihlomulisa imiphakathi ezinye zazo okuyilezi: uhlelo lwe-EPWP oluqashe abantu abayizinkulungwane ezimbili (2000), uhlelo lwe-Groen Sebenza Internship oluqashe intsha engamakhulu amabili (200), kube nohlelo lwe- Environmental monitors oluqashe abantu abayikhulu namashumi amathathu (130). Lezi zinhlelo zizosiza ukushintsha isimo somnotho emphakathini. Kunezinye izinhlelo ezikhona eziqhubekayo ezifana nohlelo lokuxhasa abafundi ngemifundaze, osomabhizinisi abancane njalonjalo.
uNgqongqoshe ebambe isithangami nabezindaba wabalula izibalo zokubulawa kobhejane. Waveza ukuthi bangamakhulu amane namashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye obhejane ababulawe eNingizimu Afrika ngonyaka ka-2023. Waveza ukuthi iHluhluwe iMfolozi Park ibe nesibalo esiphezulu sokubulawa kobhejane. Kulabo ababulewe, abangamakhulu amathathu nesikhombisa babulawe kuso lesi siqiwi. Lezi zibalo eziphezulu zokubulawa kobhejane zikhathaza kakhulu uNgqongqoshe. Noma kunjalo, iSimangaliso Wetland Park sona akaze sibe nesigameko sokubulawa kobhejane kulesi sikhathi. Kukholwakala ukuthi ukusebenzisana kahle nemiphakathi eyakhelene nesiqiwi kumqoka ekugwemeni izigameko zokubulawa kobhejane. uMnuz. Mkhize (umphathi omkhulu wezeMvelo KZN Wildlife) wakhuluma ngohlelo abanalo lokusebenzisana nemiphakathi kanye nezinhlaka zezomthetho ngenhloso yokuvimba lezi zigameko zingakenzeki ukuze kuzoncipha izigameko zokubulawa kobhejane.

End

-Iyaphela- 
Isitatimende sikhishwe iSimangaliso Wetland Park Authority 
Abezindaba bengaxhumana no: 
MLO: Mr Bheki Manzini 
Call/Whatsap: 060 533 2082 
Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.