iSimangaliso Wetland Park njengendawo edumile enemvelo ehlukahlukene kanye nokuba indawo yokuqala eNingizimu Afrika elondoloza amagugu omhlaba sibambe iqhaza kumkhankaso owenziwa inhlangano eyaziwa ngokuthi yi-UNESCO obizwa ngokuthi i-UNESCO eDNA (Environmental DNA) sampling campaign. Lolu hlelo lwezobusayensi lwenziwa umhlaba wonke futhi luzosiza ukubheka izilwane eziphila emanzini kanye nokubheka ukuthi ukuguquka kwesimo sezulu kuba namthelela muni ekusabalaleni kwazo lezo zilwane kuzo zonke izindawo ezilondoloza amagugu omhlaba. Uhlelo lweSimangaliso Wetland Park olwaziwa ngokuthi yi-Environmental Education and Awareness Program ngokubambisana nezikole ebezikhethiwe kulezi ezingomakhelwane nePaki bahlanganyele ndawonye ukuthatha amasampula echwebeni lase-St. Lucia, olwandle (Ingwe beach), ulwandle lwase-Mission rock, Sodwana Bay kanye nase Kosi Bay.
Bekuthathwa abafundi abahlanu isikole ngasinye ukuba babe ingxenye yalo mkhankaso wokuthathwa kwamasampula. Izikole ezibambisane neSimangaliso kulo mkhankaso kube iSilethukukhanya High School yaseMtubatuba, Inkosi Moses Zikhali High School yaseMbazwana kanye neStar of the Sea High School yaseManguzi. Okungaba umphumela omuhle walo mkhankaso ukuthi kungahle kube nezinguquko mayelana nolwazi lwezemvelo nezilwane ezahlukahlukene kanye nokugqugquzela isizukulwane esilandelayo sabacwaninga ngolwandle. Abafundi bathole ithuba lokubamba iqhaza kwezobusayensi okuyinto engaphinde isize ukwakha ososayensi bangomuso.
Lo mkhankaso wokuthathwa kwamasampula uzokwenziwa ezindaweni ezingamashumi amabili nanhlanu, okuyizindawo ezahlonzwa yinhlangano i-UNESCO ezilondoloza amagugu omhlaba. Imiphumela yalo mkhankaso kulindeleke ukuthi inikeze ulwazi oluyisifinyezo mayelana nezilwane eziphila emanzini, okuzobhekiswa kakhulu kwizinhlanzi kanye nezinye izilwane ezinemigogodla emikhulu okuwukuthi eziningi zazo zivele zikhona kuhla lwezilwane ezibhekene nobungozi kwinhlangano eyaziwa ngokuthi yi-IUCN (International Union for Conservation of Nature). iSimangaliso Wetland Park siyingxenye yazo lezi zindawo ezilondoloza amagugu omhlaba.
Abafundi bebejabule kakhulu futhi bezinikele ngokuphelele ekubeni ingxenye yalo mkhankaso, iSimangaliso Wetland Park njengendawo edumile enemvelo ehlukahlukene eyahlonzwa yinhlangano iUNESCO silokhu siqhubeka njalo nokuphakamisa ifulegi.
-Iyaphela
Isitatimende sikhishwe iSimangaliso Wetland Park Authority
Abezindaba bengaxhumana no:
MLO: Mr Bheki Manzini
Call/Whatsap: 060 533 2082
Email:
Copyright © iSimangaliso 2022. All rights reserved.
Powered by Pace Online