Skip to main content

iSimangaliso Wetland Park Authority Sibungaza Ukwenza Kahle

18 August 2023
iSimangaliso sithole umbiko ongenagcobho (clean audit opinion) ngokusho kukamcwaningi mabhuku waseNingizimu Afrika. Sekuphele iminyaka eyisikhombisa iSimangaliso sagcina ukuthola lo mbiko, lokhu kuza ngemuva kokuthi kube nezinguquko zangaphakathi ezenziwe ubuholi obukhona.
Izindaba zokuthola umbiko ongenagcobho zifike zaqondana nokuthi iSimangaliso sasihlele umjikelezo wezinsuku ezinhlanu lapho ubuholi beSimangaliso Wetland Park Authority kanye namalungu amasha ebhodi bevakashela iPaki. Amalungu amasha ebhodi athola ithuba lokwazi kangcono ipaki, izindawo ezingamagugu zepaki, ubuhle bemvelo, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda yepaki kanye nokuthuthukisa imiphakathi njalo njalo. Kuwumsebenzi weSimangaliso ukuthi sihlomulise imiphakathi eyakhelene nepaki ngokuthi kube namaphrojekthi kanye nezinye izinhlelo ezizuzisa imiphakathi.
iSimangaliso sesiqeqeshe osomabhizinisi abancane abangaphezu kwamakhulu amabili namashumi amahlanu, labo somabhizinisi badale amathuba emisebenzi angaphezu kwenkulungwane namakhulu amane emiphakathini, lokho kwenza inzuzo yezigidi ngezigidi ezingaphezu kweshumi. Ukwengeza kulokhu, inhlangano iphinde yalekelela abafundi abangamashumi amane nesikhombisa ohlelweni lokulekelela abafundi. Abangamashumi amabili nanye kulabo bafundi sebegogodile kuziqu zabo ezikhungweni ezahlukene, abane baqashwe iSimangaliso ohlelweni olwaziwa ngokuthi yi-Groen Sebenza program, abahlanu baqashwe izinkampani ezahlukene kanti abayisithupha bayaqhubeka nezifundo zabo kwiqhuzu lwe-postgraduate studies. iSimangaliso Wetland Park siphakathi kukaMaspala wesifunda uMkhanyakude, lesifunda saziwa ngokuba nobuphofu kanye nendlala enkulu. Ubuholi bePaki benza ngakho konke okusemandleni ukwenza amaphrojekthi ahlose ukuhlomulisa imiphakathi kanye nokuxosha ikati eziko emiphakathini eyakhele isifunda uMkhanyakude.
Izindaba ezimnandi, uNgqogqoshe womnyango Wezamahlathi, Ukudoba kanye Nemvelo uNks Barbara Creecy uphinde waqoka uMnu. Sibusiso Bukhosini njengomphathi omkhulu (CEO) weSimangaliso Wetland Park Authority. Ehlandleni lakhe lokuqala, uMnu. Bukhosini wasebenza ngokuzikhandla kanti nemisebenzi yakhe ibonakele. Kutholakale umbiko ongenagcobho ngaphansi kobuholi bakhe.
Enkulumeni yakhe, uMnu. Bukhosini wazwakalisa ukujabula okukhulu ngalokhu okuzuzwe inhlangano. Waveza ukuthi, “Bekungelula ukuzuza umbiko ongenagcobho, kodwa ngokusebenza kanzima kanye nokuthumela konke obekudingwa ngumcwaningi mabhuku kube sekuphetha ngokuthi kuvele ukuthi senze konke esasikade sithe sizokwenza. Ngaphezu kokuthola umbiko ongenagcobho, iSimangaliso siphinde sathola amaphesenti ayikhulu (100%) kwi-Annual Performance Plan, ukuthola la maphesenti sekwenzeke iminyaka emithathu ilandelana manje. Umuntu usengaqala abone manje ukuthi le nqola iyahamba futhi ihamba ngesivinini esikhulu kakhulu, njengoba ngangishilo ngenkathi ngithatha lesi sikhundla”.
Leli tafula elilandelayo likhombisa inani lamalunga emiphakathi ahlomule eSimangaliso kumaphrojecthi anziwe kusuka uMphathi omkhulu weSimangaliso angena kwihlandla lokuqala ngonyaka ka-2019.

Ibhodi elisha lihalalisele ubuholi beSimangaliso, laphinda lazwakalisa ukujabulela ukuba ingxenye yenhlangano eyenza kahle kanjena. Labe selikhipha inselelo yokuthi ubuholi buhlezi benza iSimangaliso sihamba phambili. iSimangaliso indawo egcina amagugu omhlaba edumile lapho ukulondolozwa kwemvelo, ezokuvakasha ezinozinzo kanye nokwabelana ngenzuzo kugcinwa khona.

End

Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: Mr. Bheki Manzini Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.