Skip to main content

17 January 2024

iSimangaliso Sethule Amadizayini eZindlu kwaDapha

Ithimba leSimangaliso lithathe isinyathelo sokuvakashela amakhaya azovuselelwa ukuze kuzohlomula umphakathi wakwaDapha. Kulo mjikelezo, iSimangaliso besihambisana no-Social facilitator kanye no-infrastructure designer ngenhloso yokuzokwethula iziphumo zomsebenzi owenziwe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Kulokhu obekwethulwa, kufaka amadizayini ahlukahlukene okungakhethwa kuwo njengoba leli thimba lisezinhlelweni zokuvuselela la makhaya.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi kube nomjikelezo wokuyobheka amaphrojekthi ahlongozwayo. Kula maphrojekthi kuzohlomula imiphakathi eyakhelene nepaki ngezindlela ezahlukene okufaka phakathi ukusunguleka kwamabhizinisi, amathuba emisebenzi kanye nokuthuthukiswa kwemiphakathi. Kuphindwe kwahanjelwa kwaMadlangula ukuyobheka labo abenza ibhizinisi lokungena ngezikebhe echwebeni ukuthi basebenza kanjani. Sebaqeqeshwa laba abenza lo msebenzi futhi izimvumo zokwenza umsebenzi banazo, bazokwakhelwa umtata lapho bezothatha khona abavakashi.

Kwamukele ngezandla ezimhlophe ukuhlangana nethimba leSimangaliso, uMnuz. Ngubane wazwakalisa ukuthokoza okukhulu ngalokhu okwenziwe kulesi sikhathi, “Ngiyayithokozela indlela iSimangaliso esizihlanganisa ngayo nathi njengamalungu omphakathi kumaphrojekthi athuthutkisa umphakathi wakwaDapha”, (Ngubane). iSimangaliso sizama ukuthuthukisa umphakathi wakwaDapha ukuze uzothola amathuma emisebenzi angcono.

Iyaphela.-

Abezindaba bengaxhumana nokhulumela iSimangaliso Wetland Park:

Mr Bheki Manzini

Call/Whatsap:060 533 2082

Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.