Ukunyuka kwamanani entengo ekhokhwa egedeni kanye neyezimvumo zokwenza izinto ezahlukahlukene
11 November 2022
iSimangaliso Wetland Park Authority sithanda ukwazisa umphakathi ngokunyuka kwentengo kwaminyaka yonke okuzoba kumanani entengo ekhokhwa egedeni kanye neyezimvumo zokwenza izinto ezahlukene ngaphakathi okuzoqala kusukela ngomhlaka-01 kuZibandlela 2022. Ngenxa yobhubhane lokhuvethe oluholele ekukhuleni kancane komnotho wethu kuleli nakwamanye amazwe omhlaba ikakhulukazi ngemuva kokuvinjwelwa ukuhambela amanye amazwe ngenxa yomvalelandlini wokhuvethe, iSimangaliso asikaze sikhuphule amanani entengo kusuka ngonyaka ka-2020 kuze kube imanje.
Njengoba ezokuvakasha zilulama ngemuva kwesimo esehlile isidingo sikhona sokukhiqiza imali engenayo, iSimangaliso sizonyusa intengo yokungena emagedeni ngamaphesenti alinganiselwa kusishagalombili (8%). Imali entsha ezokhokhwa abavakashi bakwamanye amazwe omhlaba nayo izokwethulwa kusuka ngomhlaka-01 kuZibandlela 2022. Ngokubheka isimo sezimakethe amanani emvume yokwenza izinto ezahlukahlukene ngaphakathi nawo azonyuswa kusukela ngomhlaka-01 kuZibandlela 2022.
IPaki lihlanganiswe ilezi ndawo okuyiMaphelane, Lake St Lucia, Cape Vidal, Eastern and Western Shores, False Bay, uMkhuze, Lake Sibaya, Sodwana Bay, The Coastal Forest Reserve, zonke lezi ndawo ezingenhla kwenziwa izinto ezinhlobonhlobo kuzo futhi ukungena egedeni kulawulwa iSimangaliso futhi sikhiqiza imali engenayo ngenxa yezinto ezenziwa khona. iSimangaliso Wetland Park sabhalwa yinhlangano eyaziwa ngokuthi i-UNESCO sahlonzwa njengendawo yokuqala eNingizimu Afrika elondoloza umlando namagugu omhlaba eyabekwa yinhlangano ngonyaka ka-1999 futhi njengendawo ebaluleke kakhulu evelele kwezamagugu.
Amanani amasha ame kanje:
Ukunyuka kwamanani okwenza izinto ezihlukahlukene kusuka ngomhlaka-
01 kuZibandlela 2022
• Overnight Accommodation-uzokhokhiswa u-R12.00 umuntu ngamunye ubusuku ngabunye.
• Tour Operators-Imvumo yokusebenzela lapha epaki iyadingakala zinsuku zonke. Le mvumo ungayithenga egedeni
• Community Conservation Levy-intela ka-R7.00 ekhokhwa umuntu ngamunye, le ntela isebenza ezinhlelweni zethu eziningi zokongiwa kwemvelo. Ngolwazi oluthe thuthu ngalokhu vakashela isizindalwa sethu ku: www.iSimangaliso.com
Siyabonga ngokuseseka kwakho uqhubeke nangokuzayo
End
-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: