Skip to main content

Ababambe iqhaza babonga inqubekela phambili eseyenziwe ukuxazulula inkinga yechweba lase St.Lucia

02 May 2023
Emhlanganweni wakamuva wababambe iqhaza odabeni lwechweba lase-St. Lucia obubanjelwe edolobheni lase-St. Lucia bebegcwele intokozo ababambe iqhaza bebona inqubekela phambili eyenziwe iSimangaliso Wetland Park Authority ukuzama ukuxazulula inkinga yechweba lase-St. Lucia. Imihlangano ekanjena inika ithuba bonke ababambe iqhaza ukuba bahlale phansi behlanganyele ndawonye ukudingida abasuke bebhekene nakho. Imihlangano ihlanganiswa iSimangaliso Wetland Park Authority futhi ihlelelwe ukuthi ihlale ngokwamakota kodwa-ke kuba khona nemihlangano ephuthumayo eba phakathi nendawo uma kuvela isidingo sayo.
Kulo mhlangano wakamuva obanjwe ngoMbasa kube nezihambeli eziningi eziwuchaze njengegxathu eliya phambili ngemuva kokuthola umbiko ochaza ngenqubekela phambili eyenziwe kuze kube yimanje. Imiphakathi kanye nabathintekayo kulokhu babonge iSimangaliso ngokuthi siyahlanganyela kanye nabo futhi siyabanika ithuba lokuthi babe ingxenye ekuxazululeni le nkinga.
Kulo mhlangano, umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park Authority uMnu. Sibusiso Bukhosini wethule umbiko ngezithembiso azenza emhlanganweni odlule. uMnu. Bukhosini wayethembise ukuthi uzoqoka ozoba yi-Ecologist futhi amethule emhlanganweni. Njengokwesithembiso sakhe, oyi-Ecologist useqokiwe futhi wathulwa emhlanganweni. Waphinde wathula loyo oqokwe ukuba abuyekeze uhlelo lwe-estuarine management, waphinde wathula ibhodi elisha leSimangaliso kwababambe iqhaza.
uMnu. Bukhosini waphinde wachaza ukuthi ngalo mhlangano, iSimangaliso sizama ukuqondisa kahle umbono okubantu wokuthi iminyango kahulumeni ayisebenzisani ukuxazulula le nkinga. iSimangaliso sikubona kumqoka kakhulu ukuba sibe nemihlangano yalolu hlobo kanye nazo zonke izinhlaka zikahulumeni ezithintekayo, abamele imiphakathi yasemakhaya, abadobi, abalimi, osomabizinisi kanye nababambe iqhaza abahlukahlukene ukubonisa izivumelwano ezenziwe ukubhekana nale nkinga, ukuveza umsebenzi osuwenziwe, izikhathi ezibekiwe kanye nemiphumela elindelekile kulezi zinyathelo ezithathwe izinhlaka zikahulumeni ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi le nkinga iyaxazululwa.
Imiphakathi kanye nalabo abathintekayo bakholelwa ekutheni lokhu osekwenziwe, kuyakhombisa ukuthi iSimangaliso sizama ngakho konke okusemandleni ukuxazulula le nkinga mayena nechweba lase-St. Lucia, futhi bathemba ukuthi le nkinga izoxazululeka kungekudala. Bacela ukuthi njengoba uhlelo seluhambe lwafika lapho lukhona, abafuni lutho okuzomisa okanye okuzobambezela lokhu okwenziwayo.
uMnu. Reddy omele inhlangano eyaziwa ngokuthi yi-Rate Payers kanye noMnu. Mzonjani Gumede omele umphakathi waseDukuduku bathi banokuthokoza mayelana nenqubekala phambili eyenziwe okwamanje mayelana nechweba lase-St. Lucia kanye nokuguguleka kwamasimu abo. Uma bekhumbula ezikhathini zaphambilini, bakhumbula ukuthi abantu babejwayele ukuza echwebeni bezodoba abanye bondle imindeni yabo ngesivuno esitholakale emasimini okuyimanje acwile emanzini. Njengoba sekukhona okwenzakalayo mayelana nechweba, bathemba ukuthi ngemuva kwezinyanga ezintathu, le nkinga izobe seyixazululekile ngoba uma kuke kwaqala izimvula zasehlobo, isimo sizongalawuleki.

uDokotela Riaan Cedras oyi-Ecologist yaseSimangaliso ngenkathi ethula inkulumo yakhe waveza ukuthi kunemithetho emibili yokulawulwa kwemvelo okungakhethwa kuyo ukuthi isetshenziswe ukuwukuthi omunye ungasebenza kumthetho okusigaba samashumi amathathu obhekelela izigameko kanye nokusigaba samashumi amathathu A obhekelela izimo eziphuthumayo.

NgokukaDokotela Cedras, lokhu kuchazwa kwisigabana esiku-subsection (1) kusigaba samashumi amathathu se-NEMA "Njengokungalindelekile, okudabukisayo, kanye nokungalawuleki kwento eyingozi," okungaba nomuphumela ofana nomonakalo omkhulu, umlilo, noma ukuqhuma, okuwukuthi sekuvele kukhona okanye kungadala ukulimala okukhulu kwimvelo, izimpilo zabantu, noma impahla. Ekubeni umthetho okusigaba samashumi amathathu A we-NEMA uchaza isimo esiqubuke kungalindelwe sadala ukusabela imvelo okukhulu, izimpilo zabantu, noma impahla, okufaka inhlekelele echazwa kusigaba sokuqala se-Disaster Management Act 57 of 2002, kodwa kukhipha ngaphandle isigameko esihlongozwe ngaphansi kwesigaba samashumi amathathu se-NEMA.

uDokotela Riaan Cedras wachaza ukuthi iSimangaliso siwazisile umnyango wakwaDFFE ngalokhu okungenhla kanye nakho konke okuyamene nakho ngemeyili (email) base becela ukwenza lokhu okulandelayo:

 1. Ukukhuculula imigudu ngesilingaliso sika-0msl (mean sea level) ngobubanzi obulinganiselwa ku-7.5m kanye nokwehla okulinganiselwa ku-1in1 ukukhipha amanzi abuyiselwe emuva ngezikhathi ezifanele.

2. Indlela efanele yokumba le migudu ibe isilinganiso sika-1.2 khilomitha ubude kusetshenziswa umshini wokumba kube yi-amphibious dredger kanye nomfula uMsunduzi ngamakhilomitha alinganiselwa ku-2.3 kusetshenziswa idredger eyenza okuhlukahlukene ebizwa nge-amphibious dredger ene-cutter kanye ne-suction head.

3. Ukukhucululwa kwemigudu ebheke olwandle kanye nomfula uMsunduzi kusetshenziswa indlela ehlanganisayo kanye nalo mshini kuzothatha isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha nohhafu ukuthi kuqedwe njengoba UMfolozi Sugar Planters yayiphakamisa ukuthi kwenzeke ngoMfumfu 2022 lokhu.

4. Yize kunjalo, inhloso yabalimi ukuthi kuqaliswe iphrojekthi futhi kubavumele ukuba baphinde betshale ngoMandulo 2023, lokhu kusho ukuthi kubhekwe isikhathi esibekiwe sezinyanga eziyisithupha nohhafu esinikwe abalimi, lokhu kumele kuqale ngokukhulu ukushesha.

uDokotela Riaan Cedras wabika ukuthi imiphumela yesicelo somthetho okusigaba samashumi amathathu A we-NEMA waphinde wachithwa mhla zintathu kuNdasa 2023 kulandelwa lokhu okulandelayo:

1. Kuphakanyiswa ukuthi kuthengwe imishini, ikakhulukazi i-amphibious dredge. Ulwazi mayelana nokutholakala kwawo alutholakalanga ngesikhathi kutholakala umthetho okusigaba samashumi amathathu A, isicelo somyalelo futhi sizodingeka sizophinde sibambezele ukuqalisa isinyathelo okumele sithathwe.

2. Endaweni yocwaningo kudingakala ukuthi kwazeke umthelela ongaba khona kanye neziphothulo uma ithimba lonjiniyela abaqondene nalokhu sebeqokiwe futhi beza endaweni ukuzobheka ukuthi lokhu kuzokwenziwa kanjani. Okwamanje asikho isikhathi esisacacile, ukuqokwa kwalelo thimba lochwephesha nakho kungadala okunye ukubambezeleka.

3. U-26 250sqm wezimila okwabekwa ukuthi kumele ususwe kule ndawo kanye no-86 300cm3 wodaka okumele lususwe. Ayikho imininingwane enikeziwe ekhombisa ukuncishiswa kwalokhu, indlela ezosentshenziswa ukususa lolu daka kumbe kutholwe ukuthi lolu daka luzolahlwa kuphi. Umthelela walokhu, kanye nokuthi umthetho jikelele kwimvelo awukasungulwa okwamanje. Lokhu kuthathwa njengemininingwane emqoka kakhulu ngaphambi kwenkombandlela ekumthetho okusigaba samashumi amathathu A.

uDokotela Riaan waphinde waveza isixazululo sokunciphisa umthelela obe kwimvelo ukuze kuzogcinwa ichweba lase St. Lucia lisesimeni esikahle, ngokwesimo sezulu, kanye nokuqapha inzika eba udaka echwebeni. Lokhu kuzosiza iSimangaliso ukuthi siqaphe isimo kanye nokulawula kohlelo lokumba oluzovumela ukuthi iSimangaliso sithathe izinqumo izikhathi ngezikhathi kanye nokwenza imizamo yokuthi amanzi ahambe ngokukhululeka. Ngemuva kokuthi umthetho okusigaba samashumi amathathu A unqabele lokhu, okuzolandela ukuthi kwenziwe ukuhlolwa okuyisisekelo kanye nokuthi umphakathi ube ingxenye kulolu hlelo, okumele kwenziwe kuqedwe ezinyangeni ezintathu ezilandelayo.

iSimangaliso kumele siqoke ochwepheshe abazosebenza ne-Environmental Consultants ezoqokwa nayo ekufezeni lokhu okune (4) okuzoba yiGeotechnical/Engineer ezohlola ukusebenza kwe-hydraulic kanye nesimo semvelo ohlelweni lwemigudu ekhona. Yi-Sedimentologist ezotadisha ukwakheka kwalo, ubushelelezi, kanye nokuqukethwe lapho kulahlwa khona lolu daka, ukukhomba indlela engcono yokunciphisa umthelela ongaba khona ngemuva kokudonswa. YiVegetation/wetland specialist ezobhala umqulu wokuthi luzosuswa kanjani lolu daka kanye nezimila okungezona ezendabuko nokuthi lokhu kuzowaphazamisa kanjani amanzi kanye nezihlahla. Yi-Social ecologist ezohlola umthelela nemiphumela emibi kubasebenzisi abahlala lapha. Yi-Marine biologist ezohlola ubuningi, okuhlukahlukene kanye ne-biomass ye-texa yasemanzini ebalulekile mayelana nemingcele kwezemvelo.

Imihlangano ibanjwa ngokwamakota futhi ihanjelwa ababambe iqhaza abahlukahlukene, umhlangano olandelayo kuhlelwa ukuthi ube ngoNhlangulana 2023.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.