Asehlile amanzi echwebeni lasesimangaliso Wetland Park
28 July 2022
Amanzi asehlile echwebeni laseSimangaliso Wetland Park, lokhu kuza ngemuva kwemvula enamandla ebe KwaZulu-Natal ngenyanga kaMbasa noNhlaba eyanyusa izinga lamanzi echwebeni i-Lake St Lucia ngesilinganiso samamilimitha (mm) angamakhulu ayisithupha nanye nesigamu samamilimitha ayisikhombisa (601,7mm) kanye namakhulu amabili nantathu nesigamu samamilimitha amahlanu (203.5 mm) awakalwa ngokulandelana. Lena kwaba imvula enkulu eyakalwa ngoMbasa selokhu kwaba unyaka ka-1953.
Izimvula ezinamandla ziholele ekutheni kunyuke izinga lamanzi echwebeni laseLake St Lucia elagugula izingqalasizinda eSiyabonga tourism centre ezifana namaJetties, neminye imigwaqo kanye nezindawo zokungcebeleka zepaki endaweni yase-False Bay. Kube ukugcwala okukhulu kwechweba selokhu kwagcina ngodomoyi wangonyaka ka-1984 osekube cishe amashumi amane eminyaka edlule. Izimvula ezinamandla ziphazamise ukusebenza kwepaki njengoba bezingekho izindawo zokubuka iziMvubu, iziNgwenya futhi kwakunzima ukuthi abavakashi bakwazi ukuzibona lezi zilwane uma besesikebheni.
Izindawo ezivundile ogwini oluseMpumalanga kanye nogu oluseNtshonalanga yepaki bezisemanzini. Izilwane eziphila emhlabeni zathola indawo yokuhlala kanye namadlelo ngaphansi kwamanzi futhi kwadingakala ukuthi zifune kude kakhulu amanye amadlelo ayisengezo. Izihlahla ze-Mangrove: ikakhulukazi izihlahla ze-Hibiscus ne-Acacia zaqhubeka nokufa njengoba izimpande zazo zakhukhulwa ngamanzi eminyakeni eminingi edlule. Ezinye izihlahla ezisonqenqemeni lwechweba zabhekane nobunzima ezinye zafa ngenxa yezikhukhula.
Lezi zimvula ezinkulu akukhona ukuthi ziphazamise ipaki ngendlela embi kuphela kepha nangendlela enhle njengoba zibe isixazululo sokuvuleka komlomo wechweba. Amanzi aphusha esuka emfuleni uMfolozi noMsunduzi enze kwenzeka ukuthi umlomo wechweba uzivulekele ngokwemvelo ngomhlaka-14 kuMbasa 2022. Indaba yokuvuleka komlomo wechweba bese kube isihloko esikhulunywe kakhulu njengoba amaqoqo abantu abahlukene baqala baba nemibono malungana nokuthi umlomo kumele uvulwe noma kulindwe ukuthi uzivulekele wona ngokwemvelo.
Ngenkathi Izinga lechweba lisewumswesana nangenkathi seligcwele isikhathi eside emuva kwezimvula ezibe ngoMbasa, lokhu kwaphakamisa amanzi amamitha amathathu (3m) ngokwesikati eBhilinjini lechweba lase-St Lucia.
End
-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: