Skip to main content

Ukuqaliswa kwesu lokuhweba kwesimangaliso

01 October 2022
ISimangaliso Wetland Park Authority namuhla sikhangise ngamathuba amabhizinisi abiza izigidi zamarandi kwi-website yaso, emaphephandabeni kanye nakusizindalwazi sikazwelonke. Onke lamathuba kulindeleke ukuthi angahlomulisi amabhizinisi amakhulu kuphela kodwa nemiphakathi yendawo kanye namabhizinisi amancane asathuthuka angakaze awathole amathuba nokubamba iqhaza emnothweni wepaki. Izinto ezikhangisiwe zihlanganisa izimoto zokuvakashisa izivakashi ngaphakathi epaki (amaGame drives), izikebhe(Boat cruise), ukuntshuza uyephansi olwandle (Scuba Diving and Snorkling), ukubuka izimfudu (Turtle Tours), ukudoba (Fishing Charters), ukubuka umkhomo (Watching Whale), izikebe ezincane(Kayaking and Canoeing), ukuhamba ehlathini (Trails and walks).
Umgomo we-iSimangaliso ukuvikela, ukulondoloza kanye nokwethula amagugu aso omhlaba ezizukulwaneni zamanje kanye nesizayo kube kuzuza imiphakathi ehlala ngaphakathi epaki kanye nasendaweni eseduze nepaki ngokuthuthukisa ezokuvakasha.
I-iSimangaliso Wetland Park sibambe ingqungquthela yokutshalwa kwezimali kwezamabhizinisi ngoNdasa wonyaka ka-2022. Inhloso bekuwukukhombisa kanye nokwethula imikhiqizo engase ibe khona yezokuvakasha ngokutshalwa kwezimali ezibiza izigidi zamarandi kubatshalizimali bakuleli nabasemazweni angaphandle. Engqungqutheleni yokutshalwa kwezimali iSimangaliso ikwazile ukuhlinzeka abangaba abatshalizimali basekhaya nabangaphandle kanye nabaxhumanisi ngolwazi ngamathuba okutshalwa kwezimali kwezokuvakasha ngaphakathi kwe-iSimangaliso Wetland Park. Lokhu kutshalwa kwezimali kuzosiza ukuthuthukisa ilelipaki elidume umhlaba wonke kwezokuvakasha nelahlonzwa njengelinye lamapaki angu-38 emhlabeni alekelela ukuthuthukisa imiphakathi ehlala ngaphakathi epaki kanye nasendaweni eseduze nepaki ngezindlela ezahlukene njengoba iSimangaliso Wetland Park manje isiyindawo yesibili ngobukhulu eNingizimu Afrika evikelekile.
Ibhodi elikhona manje labaqondisi beSimangaliso ligunyaze isu lezamabhizinisi nelihlose ukungenisa imali ngayo kuleli paki ngesikhathi lisadingida ukwethulwa ngendlela efanele kanye nokusatshalaliswa kwamathuba okutshalwa kwezimali kwezokuvakasha okuzoqinisekisa ezokuvakasha kulelipaki ayavulwa, kanye nokulindelwe yizivakashi kuyafezwa kuze kweqe. Izinjongo ezinkulu yesu lezamabhizinisi zihlanganisa ukukhiqiza imali yalelipaki, ukunciphisa ukulahlekelwa noma ukonga emisebenzini ekhona, ukusetshenziswa kahle kwempahla engasebenzi kahle, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, ukufukulwa kwabantu abamnyama kwezomnotho, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kanye nokugqugquzela ezokuvakasha.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.