Skip to main content

iSimangaliso Wetland Park Authority siqwashisa umphakathi nabavakashi ngezindlovu epaki

05 July 2022
iSimangaliso Wetland Park Authority sithanda ukuqwashisa imiphakathi eyakhelene nePaki mayelana neziNdlovu ezizulazula ogwini oluseNtshonalanga yePaki ikakhulukazi eduze nesango laseDukuduku eSt. Lucia.
KuneziNdlovu ezinokuziphatha okungajwayelekile okubonwe zidla engxenyeni eseNtshonalanga yechweba lase St. Lucia. IPaki liyikhaya lezilwane zasendle ezingadala ukulimala kwempahla, kanye nokulimala okubanga ukufa komuntu. Ngakho-ke niyanxushwa kakhulu futhi niyalulekwa ukuthi niqaphele lapho nihamba noma nishayela ePaki ukuthi nihlale ngaphakathi ezimotweni ngaphandle-ke ezindaweni ezikhethiwe futhi nihlale kude nezilwane.
Ukuphepha kwemiphakathi engomakhelwane nePaki kuyinto yokuqala ebalulekile kithi. Ngakho-ke iSimangaliso sinxusa abadala ukuthi babe neso ezinganeni njengoba zivakashela iPaki ngalesi sikhathi samaholidi ukuqinisekisa ukuthi ziphephile ngenkathi zijabulela izilwane nezimbali ezinhle zePaki. Sithanda ukuniqwashisa ngalezi zindlela zokuphepha ezilandelayo ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi nezivakashi ziphephile futhi ukuvakashela iPaki kuba yinto ekhumbulekayo. IPaki lineziNdlovu ezilinganiselwa kwikhulu neshumi (110 Elephants) engxenyeni engaseNtshonalanga nengaseMpumalanga yePaki. IziNdlovu ngokwemvelo zithandwa kakhulu izivakashi kodwa-ke sinxusa izivakashi ukuthi ziqaphele lapho zihlangana neziNdlovu.
Sicela ukuqwashisa ngokuthi nanoma ikuphi eSimangaliso Wetland Park, ukuhlala ngemuva emotweni evulekile noma emotweni enganalo uphahla noma izinhlangothi akuvunyelwe ngenxa yezingozi ezingabangwa izilwane zasendle ikakhulukazi iziNdlovu. Ibanga elifanelekileyo kufanele ligcinwe ukusuka eziNdlovini (50 metres) futhi izivakashi akumele ziphume emotweni noma ziyame ngaphandle kwewindi noma ngabe kunasiphi isizathu okufaka phakathi ukuthwetshulwa kwezithombe.
Niyalwa ngaphansi kwale mithetho ekusigaba seshumi nanhlanu (15) kanye neshumi nesithupha (16) we-NATIONAL ENVIRONMENTAL MANAGEMENT: PROTECTED AREAS ACT 57 OF 2003 (Gazette No. 26025, Notice No.181, 1 November 2004) REGULATIONS FOR THE PROPER ADMINISTRATION OF SPECIAL NATURE RESERVES, NATIONAL PARKS AND WORLD HERITAGE SITES (Government Notice R1061, Government Gazette 28181, 28 October 2005), njengoba kuchitshiyelwe kanye nemikhawuko yobugebengu ephathelene nokuphulwa kwemithetho eshiwo.
Uma uhlangabezana nanoma ikuphi ukuziphatha okungalungile noma okungahambi kahle ngabasebenzisi/abavakasheli bePaki, sicela urekhode imininingwane yemoto, uthathe izithombe bese ushayela inombolo yocingo yezimo eziphuthumayo eSimangaliso 0827977944. iSimangaliso sesikhiphe isaziso sokuphepha mayelana nalolu daba ukugcina umphakathi nezivakashi zazi ngalezi ziNdlovu.

USONDELA KANJANI FUTHI UZIPHATHA KANJANI UMA USEDUZE KWEZINDLOVU UBE USEMOTWENI NJALO:

• Yehlisa isivinini uma ubona iziNdlovu

• Cima imoto, uhlale ngaphakathi uthule cwaka ujabulele iziNdlovu

• Bheka nxazoke emotweni uma usondela eziNdlovini

• Qinisekisa ukuthi ungashayela kalula uqhele kulokhu okubonayo

• Vumela iziNdlovu ukuthi zidlule kude kunawe kuleyo ndawo

• Nikeza iziNdlovu ithuba lokuthi ziqhele endleleni ngaphambi kokuba udlule

• Buyela kancane emuva uma iziNdlovu zibonisa noma yiziphi izimpawu zokungakhululeki.

• Shayela kancane uqhele futhi kungabi nomsindo uma zilokhu ziqhubeka nalezo zinsolo

• Nikeza ithuba iNdlovu eyinkunzi (kubonakala ngokuba mnyama, uketshezi olusamafutha nhlangothi zombili zekhanda) inike isikhala esanele esingaphezu kwamamitha angamashumi amahlanu (50 metres) amazinga emizwa aphezulu enkunzi ayenza isheshe idinwe

• Hlehla uma iNdlovu eyinkunzi iphambi kwakho, ungashayeli uyidlule noma uyivumele ukuthi isondele kuwe

• Uma kukhona iNdlovu ekhombisa ukuba nolaka njengokuphuthuma ukuthi isondele emotweni, ithunqisa umhlabathi, noma iphosa inhlabathi/ amahlamvu ibe ibanga umsindo kakhulu dlalela kude nayo ubuyele emuva

 

UNGALOKOTHI:

• Ungalokothi uphuthume ukuya eziNdlovini

• Ungalokothi usondele eziNdlovini ibanga elingaphansi kwamamitha angamashumi amashanu (50 metres)

• Ungalokothi upake imoto yakho emalobeni/emanyathelweni eziziNdlovu aholela ekuqheleni emggwaqeni

• Ningalokhothi nivalele iziNdlovu ngaphakathi nezinye izimoto

• Ungalokothi uvimbele iziNdlovu lapho zihamba khona

• Ungalokothi ushayele noma upake phakathi kwemihlambi yeziNdlovu

• Ungalokothi ushayele isikhathi eside lapho iziNdlovu zihamba ngomgwaqo

• Ungalokothi unyathele umlilo kakhulu emotweni uma kukhona iziNdlovu

• Ungalokothi uphushele iziNdlovu eceleni komgwaqo

• Ungalokothi ugijime uma udlula iziNdlovu noma ushayele ngesivinini esingaphezu kweseziNdlovu ngokujwayelekile iziNdlovu zihamba (ibanga eliwu-6km/ ngehora)

• Ungalokothi uphumele eceleni noma uvumele imoto ukuthi isondele eduze neziNdlovu

• Ungalokothi ubange umsindo noma umnyakazo osheshayo, okuxakile okuheha ukuthi zikunake

KUNGCONO UPHEPHE KUNOKUBA UZWELWE, IZINDLOVU IZIQHWAGA EZINAMANDLA KAKHULU, ZIHLONIPHE UHLONIPHE NENDAWO YAZO.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.