Skip to main content

Ithimba leSimangaliso linike uqeqesho kuzinhlangano ezixhaswe ngezimali ngaphansi kohlelo lwe-small grant programme (SGP)

31 May 2024
Kusayinwe isamba semali elinganiselwa ku-US$135,000 (R2,529mill), sisayinwa yi-United Nation Development Programme (UNDP) ngokubambisana neSimangaliso Wetland Park ngaphansi kohlelo olwaziwa ngokuthi yi-Global Environment Facility (GEF). Lolu hlelo lulekelele izinhlangano ezintathu ngoMasingana 2024, zikhokhelwe okokuqala kusuka ngoNhlolanja kuya kuNdasa 2024. iSimangaliso sibe nomhlangano wokufundisana mayelana nokuriphotha ngokusebenziswa kwezimali ukuqinisekisa ukuthi lezi zinhlangano zisebenzisa kahle imali ezixhaswa ngayo. Lo mhlangano wokufundisana wawubanjwe ngomhlaka-13kuya ku14 kuNtulikazi 2024 eHluhluwe lapho osomabhizinisi abancane bafundiswa khona ngokugcwaliswa kwamafomu kanye nokubhalwa kwencwadi yokufaka isicelo sokuxhaswa ngemali ngaphansi kohlelo lwe-small grant programme (SGP).
Abaphumelela ukuthola uxhaso kwaba yiNibela Fisheries Co-operative, Siyazama St. Lucia Market Primary Co-operative kanye neDukuduku-Khayelisha Fisheries Co-operative. Ngomhlaka-27 kuNhlolanja 2024, iNibela Fisheries kanye neSiyazama St. Lucia Market Primary Co-operative yathola uxhaso lwayo lokuqala. iDukuduku-Khayelisha Fisheries Co-operative yona iluthole ngomhlaka-6 kuNdasa 2024. INibela Fisheries Co-operative kanye neDukuduku-Khayelisha Fisheries Co-operative ngamaphrojekthi omphakathi lapho kwakhiwa khona imikhiqizo kafishi ngenhloso yokuhweba. Ngalolu xhaso bahlose ukuthenga izinsizakusebenza ezizobasiza ukuba babe ngabadobi abahwebayo. iSiyazama St. Lucia Market Primary Co-operative yona yimakethe ephethwe ngabantu besifazane esedolobheni lase-St Lucia, badayisa imisebenzi yezandla kubavakashi. Ngalolu xhaso bahlose ukwakha kabusha imakethe ukuze izoba sesimeni esikahle esiqinisekisa ukuphepha kwabavakashi.
uMnuz. Nkuna ongusihlalo weNibela Fishing Co-operative, ekhulumela lezi zinhlangano ezihlomule ngoixhaso uveze ukuthi, “Ngithanda ukubonga bonke ababe ingxenye yalolu hlelo, ngiyabona manje ukuthi inhloso ukushintsha izimpilo zethu ukuba zibe ngcono kunakuqala. Ngibonga nokuthi isicelo sethu siphumelele futhi silutholile uxhaso okokuqala. Eqinisweni, le nhlangano yethu ikhani isebenza manje ngoba ekuqaleni besingenayo imali. Kuningi okuzoshintsha kuleli bhizinisi lethu kanye nasezimpilweni zethu uqobo”, (Nkuna).
Lezi zinhlangano ezintathu ziyingxenye yezinye ezingu-15 ezixhaswa yilolu hlelo lwe-Small Grant Prongramme eSimangaliso Wetland Park, Kruger National Park kanye nase-Greater Addo-Amathole, zineqhaza elikhulu kakhulu ekuqalisweni kohlelo lwe-National Biodiversity Economy Strategy (NBES). Akhona amanye amaphrojekthi asazoqaliswa eSimangaliso ngaphansi kwalolu hlelo lwe-GEF7. Lawo maphrojekthi afaka phakathi ukuvuselelwa kweMabasa Community Conservation Area, Makhasa Community Conservation Area kanye neKosi Bay tourism precinct njalo njalo. Lolu hlelo lwe-Small Grant Programme luxhasa imiphakathi ukuba izithuthukise kanye nokushintsha isimo senhlalo emiphakathini.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.