Skip to main content

Ukwethulwa kwephrojekthi ye-GEF 7

21 November 2022
UMnyango wezamahlathi, ukudoba kanye nokongiwa kwemvelo wethule iphrojekthi ebizwa ngokuthi ukwandiswa kwezimali kanye namandla omnotho ezindaweni ezivikelwe. Le phrojekthi ixhaswe ngokwezimali yinhlangano eyaziwa ngokuthi yiGlobal Environment Facility (GEF) ngokusebenzisana nebhange lomhlaba (World Bank). iSimangaliso Wetland Park (iSWPA), i-South African National Parks (SANPARKS) ne-South African National Biodiversity Institute (SANBI) yibona abasebenzisana kule phrojekthi isikhathi esiyiminyaka eyisihlanu (5).
Inhlosongqangi yale phrojekthi ukukhulisa utshalozimali ezindaweni ezivikelwe futhi kukhuliswe umnotho wezinto ezinhlobonhlobo eziphila endle. Lokhu kwethulwa kwale phrojekthi kuqale mhla ziyishumi nesikhombisa kwaphela mhla ziyishumi nesishiyagalombili kuLwezi 2022 ePitoli, lapho kubanjwa khona izinkomfa zakwaDFFE. Umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park uMnuz. Sibusiso Bukhosini wazwakalisa ukwenama okukhulu ngokuthi inhlangano i-GEF ngokubambisana nebhange lomhlaba (World Bank) bathemba iSimangaliso ekutheni kube yiso esenza le phrojekthi. Wagcizelela ukuthi lolu tshalozimali luzohlomulisa abantu abakhelene nepaki.
Wathi, “Lolu tshalozimali luzothuthukisa ukuvuselelwa kwezwe ekuguqukweni kwesimo sezulu ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya okuyilapho kuzwela khona kakhulu kulabo abadla imbuya ngothi. Kuzodalwa kuphinde kunyuswe izinga lamathuba amasha ezamabhizinisi kwezemvelo nasohlakeni lwezokuvakasha. Ababambe isandla kule phrojekthi, abahlomuli, kanye nomphakathi owakhelene nezindawo ezivikelwe bazohlomula kumakhono akhuliswayo kanye nezinto ezahlukahlukene zokuqeqesha umphakathi. Phakathi kwezinhlosongqangi zeSimangaliso Wetland Park ukufukula umphakathi ohlwempu owakhelene nepaki kungenye yezinhloso ezimqoka. IPaki livume indathane yezinzuzo njengengxenye yokuzuzisa umphakathi. Lolu tshalomali lwe-GEF luzophinde lwenze kube lula ukwenziwa kwalolu hlelo.
Uphinde wabalula ukuthi iSimangaliso senza konke okusemandleni ukuqinisa ubudlelwano baso nemiphakathi engomakhelwane. Ngazo izinsizakusebenza ezincane, sikwazile ukubeka izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi sithuthukisa izimpilo zabantu abahlala emphakathini engomakhelwane ngokwakha amathuba emisebenzi.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.