Skip to main content

Ukuboshwa kwabahlaseli behlathi lasefutululu eliphakathi kweSimangaliso Wetland Park okuyindawo elondoloza umlando namagugu osezingeni lomhlaba

18 August 2022
iSimangaliso Wetland Park Authority sifisa ukudlulisa ukwamkela isinyathelo sengalo yomthetho (SAPS) sokubopha abahlasele indawo evikeliwe eyaziwa ngokuthi ihlathi saseFutululu okuyindawo elawulwa iSimangaliso Wetland Park ngomhlaka ziyishumi nesithupha (16) kuNcwaba 2022. Lokhu kuza ngemuva kokuthi kube nezehlakalo ezisanda kwenzeka zokuhlaselwa ezingekho emthethweni eziqale lapha komhla ziyishumi nesithupha (16) kuNcwaba 2022 lapho iqembu labantu abathile lahlasela khona ngokungemthetho ihlathi laseFutululu lifuna umhlaba ngenhloso yokulima kanti ezinye izitende zithengiselwe abafuna ukuhlala. Abengalo yomthetho (SAPS) bafonelwa kwathi abantu abaningi abalinganiselwa kumashumi ayisikhombisa nanye (71) baboshwa ngaleso sehlakalo.
Ihlandla lokuqala lokuhlasela liqale ngomhla zingamashumi amabili nanye (21) kuNdasa 2022 lapho abantu abalinganiselwa kwikhulu (100) bahlasela ihlathi laseFutululu besebenzisa indawo yokungena ephambi kwesango lombutho wezokuvikela (SANDF) elaziwa ngokuthi yi-121 Battalion. Isibalo sabahlaseli besilokhu sikhula ngoba kwesinye isikhathi bebelinganiselwa kumakhulu amathathu (300). iSimangaliso saletha isicelo enkantolo enkulu yaseMgungundlovu sicela ukuthi inkantolo ingenelele kuloludaba emuva kokuba imihlangano nabahlaseli kanye nabamele imiphakathi ingazange ilethe imiphumela emihle njengoba amanye amalungu omphakathi ayelokhu eqhubeka ehlasela ephinde ecekela phansi ingqalasizinda yePaki.
Inkantolo enkulu yaseMgungundlovu yaqala yakhipha incwadi yesivimbelo yesikhashana ngomhla ziyishumi nanye (11) kuMbasa 2022 eyayibeka ukuthi “Abaphenduli (respondents) kanye nanoma ubani osebenzisana nabo, bayalelwa ukuthi bangangeni noma bengahlaseli, bengahlali noma bengasusi lutho oluyizihlahla, futhi bengimisi lutho oluyizakhiwo endaweni eyaziwa ngokuthi ihlathi iFutululu.
Ngemuva kwalokho ngomhla zingamashumi amabili nantathu (23) kuNhlangulana 2022, inkantolo yakhipha isinqumo esiwumnqamulajuqu esivimbela abaphenduli ababaluliwe kanye nanoma ubani osebenzisana nabo, beyalelwa ukuthi bangangeni noma bengahlaseli, bengahlali noma bengasusi lutho oluyizihlahla, futhi bengimisi lutho oluyizakhiwo endaweni eyaziwa ngokuthi ihlathi iFutululu eliphakathi kweSimangaliso Wetland Park, lokho kugcinwe ngemvume yeSimangaliso Wetland Park Authority.
iSimangaliso sithanda ukudlulisa ukudumala ngokuthi yize umuyalo wenkantolo wakhishwa kodwa kukhona inhlese yokuthi kukhona umphakathi oqale phansi waphinda wazibandakanya nezenzo ezingekho emthethweni kanye nokweqa bengene ngokungemvume ekubeni ukukhulumisana nomphakathi kusaqhubeka. Selokhu kwaqala ukwenza lezi zenzo ezingekho emthethweni, iziphathimandla zePaki zibe nemihlangano izikhawu nobuholi bomphakathi emizameni yokuthola isixazululo. Imihlangano ibihlanganisa izinhlaka zobuholi bomdabu, uMasipala, aMakhansela, ubuholi babamangali bomhlaba, ithimba lekomidi lokuhlalisana laseDukuduku, abamele abalimi, nabamele uhlaka lwe-people and parks nabanye.
iSimangaliso sithanda ukuxwayisa umphakathi ukuthi ungayengeki kokuthenga izitende (stands) kanye nokungena ngokungemithetho ehlathini laseFutululu ngoba izenzo ezinjalo zizoba ukuphambana nomyalelo wenkantolo enkulu yaseMgungundlovu okungaholela ukuthi kube khona ababoshwayo.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.