ISIZINI YEMIKHOMO ISIBUYILE ESIMANGALISO WETLAND PARK
12 July 2024
Izimanga azipheli eSimangaliso Wetland Park. ENingizimu Afrika, iSt. Lucia indawo etholakala ogwini
oluseNyakatho nesifundazwe saKwaZulu Natali okuyindawo ebalwa nezivelelwe ekubukweni
kweMikhomo. Sekuyiso leso sikhathi lapho iMikhome ibuya iza olwandle olufudumele lwase-St. Lucia
eSimangaliso Wetland Park. Kusuka ngoNhlangulana kuya kuLwezi, iMikhomo eyaziwa ngokuthi yiSouthern Right Whales kanye ne-Humpback Whales iyafuduka ize kulamanzi afudumele asogwini.
Abavakashi abasuka kuwo wonke amazwe umhlaba bayamenywa ukuthi bevakashele le ndawo
bezobona lezi zimanga kanye nokuba nesikhathi abangasoze basikhohlwa.
UMkhomo uma usukhulile ngokujwayeleke ulinganiselwa kumamitha angu-14 kuya ku-15 (cishe
amanyathelo angu-46 kuya ku-49). UMkhomo wesifazane kujwayeleke ukuthi ube mude kunowesilisa.
Isisindo soMkhome silinganiselwa kuziNdlovu ezingamashumi amathathu, okulinganiselwa
kumaphawundi angu-200,000 kuya ku-300, 000 (90,000 kuya ku-136,000 kilograms). INingizimu Afrika
ngenye yezindawo ezidumile umhlaba wonke jikelele ekubukweni kweMikhomo, ngalesi sikhathi,
iMikhomo ivame ukubonakala namathole njengoba ikhulisa amathole kula manzi afudumele. Kulula
ukuqagula isizini yeMikhomo njengoba ibonakala seyiseduze nogu ngalesi sikhathi.
iSimangaliso Wetland Park sinenhlanganisela yobuhle bemvelo kanye nokuhlukana kwemiphakathi.
OwayenguMongameli wezwe uNelson Mandela enkulumeni yakhe ayethula ngonyaka ka-2002
ngenkathi kwethulwa iziNdlovu ogwini oluseMpumalanga nechweba laseSt. Lucia wathi, “Leli Paki
kumele kube indawo lapho isilwane esincelisayo okuwuBhejane kanye nesilwane esikhulu okuyiNdlovu
sabelana ndawonye nofishi omdala owaziwa ngokuthi yi-Coelacanth kanye nesilwane esikhulukazi
sasemanzini ezaziwa ngokuthi uMkhomo”.
Ungaphuthelwa yile sizini yenjabulo eSimangaliso, isizini yamaShede nayo isifikile kubadobi.
Kunamathuba amaningi kubadobi ukuthi bebambe loli hlobo lofishi ngalesi sikhathi. Vakasha
eSimangaliso Wetland Park uzobona lobu buhle bemvelo obukushiya ungawuvali umlomo.