Skip to main content

iSimangaliso Wetland Park sibe nomhlangano wokucobelelana ngolwazi nemiphakathi

thimba leSimangaliso Wetland Park ngaphansi kohlelo lwe-GEF-7 lubambe umhlangano wokucobelelana ngolwazi nemiphakathi izinsuku ezintathu. Lo mhlangano wawubanjelwe eHluhluwe, uqale ngomhlaka-10 waphela mhlaka-13 kuMandulo 2024. Inhlosongqangi yalo mhlangano kwakuwukujwayeza imiphakathi eyekhelene nePaki mayelana nokuphathwa kwezindawo ezinemvelo enhlobonhlobo ngaphansi kwesiqubulo esithi, Kwakhiwa umnotho ezindaweni ezinemvelo enhlobonhlobo ukuze kube nendlela yokuziphilisa emphakathini. Lo mhlangano wawuhanjelwe abahlonishwa abahlukene okufaka phakathi amakhosi ayishumi nantathu avela ngaphansi komasipala wesifunda uMkhanyakude, abasuswa abayishumi nane, uMnyango wakwa-DFFE, uSANBI, uWWF, Ezemvelo KZN Wildlife, kanye nomasipala abangaphansi kwesifunda uMkhanyakude. iSimangaliso Wetland Park besinezinhloso ezine njengoba sibambe lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi nemiphakathi.
iSimangaliso sasimeme imiphakathi esuka nakwezinye izindawo eyenza lo msebenzi ukuba nayo izocobelela ulwazi kanye nezifundo esizitholile selokhu yaqala ukwenza lo msebenzi, izinselelo ebhekane nazo, impumelelo ekhona, ukwakhela imiphakathi ithuba lokukhuthazana kanye nokwesekana. Phezu kwalokho, kwakuhloswe ukuthi kuqaliswe ithuba lapho imiphakathi ehlukahlukene ithola ithuba lokuhlangana yabelane ngolwazi kanye nobudlelwano obuhle. Lokho kuhlanganyela ndawonye kuzoqinisekisa ukuthi imiphakathi iyazuza kweminye, ikakhulukazi ekuqalisweni amabhizinisi azoba impumelelo aphinde abe neqhaza ekuthuthukiseni umnotho wezwe kusetshenziswa lezi zinhlelo zomnotho otholakala ezindaweni ezinemvelo enhlobonhlobo.
  • Ukwethulwa ngokusemthethweni kwethimba le-GEF-7 kubabambiqhaza
  • Ithimba le-GEF-7 ngokusebenzisana nethimba elibhekene nezindaba zemiphakathi eSimangaliso, bake bavakashela ababambe iqhaza ePaki ngenhloso yokwethula leli thimba kodwa lokho akwenzekanga ngendlela yokwethula ngokusemthethweni. Kulo mhlangano kube sekwethulwa lelithimba kanye amaphrojekthi aleli thimba, ethulelwa ababambiqhaza.
  • Ukwethulwa kokuphathwa kwezindawo ezinemvelo enhlobonhlobo, kwethulwa ukuthi kusebenza kanjani kanye nokuthi ababambiqhaza bengahlomula kanjani
  • Ababambiqhaza abasebenzisana neSimangaliso bebengenalo ulwazi kahle mayelana nokuthi kuyini khona lokhu kuphathwa kwalezi zindawo okukhulunywa ngazo. Kuphindwe kunxenxwe imiphakathi ukuba inikele ngezindawo ukuba zifakwe ngaphansi kohlelo lwezindawo ezivikelwe, kwazeke ukuthi yini lena okukhulunywa ngayo futhi isebenza kanjani okuwukuthi okubaluleke kakhulu ukuthi imiphakathi yona izohlomula kanjani kulolu hlelo. Izithunywa ezivela eMnyangweni wakwa-DFFE zabe sezichaza kabanzi mayelana nalolu hlelo kanye namathuba amabhizinisi imiphakathi engabamba iqhaza kuwo.
  • Uhlelo olulandelwayo ukuze indawo ifakwe ngaphansi kohlu lwezindawo ezivikelwe
  • Kumqoka kakhulu ukuthi kwaziswe ababambiqhaza mayelana nokudingakalayo kanye nohlelo olulandelwayo ukuze indawo ingene ngaphansi kohlu lwezindawo ezivikelwe. Lokhu kuzosiza ithimba le-GEF-7 njengoba ababambiqhaza bezolungisa kahle konke okudingakalayo kusanesikhathi ukuze kungeke kube nokubambezeleka uma sekudingeka. Njengoba inhlangano eyaziwa ngokuthi Ezemvelo KZN wildlife kuyiyona engabagcini nabavikeni bemvelo lapha esifundazweni saKwaZulu Natali, yaba nesethulo mayelana nohlelo olulandelwayo.
  • Imihlomulo etholakala ezindaweni ezivikelwe
  • imihlomu etholakala kulolu hlelo ingaphezu kokuthola imali, njengoba kumqoka emiphakathini, kodwa ukubuka esikhathini esizayo ukuthi umphakathi ungakhona yini ukuziphilisa ngalolu hlelo.
Umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park uMnuz. Sibusiso Bukhosini ngenkathi eba nesethulo kulo mhlangano waveza ukuthi, amaphrojekthi ahlose kakhulu imiphakathi ehlwempu eyakhelene nePaki ukuba ihlomule kwezokuvakasha ngokuthi nayo imiphakathi ibe nezayo iziqiwi ezizimele nezizothuthukisa umnotho walemiphakathi. Waveza ukuthi iSimangaliso siqalise uhlelo lokuhweba olungolunye lwezinhlelo ezizolekelela ukukhulisa inzuzo eyenziwa yiPaki. Ngaphansi kwalolu hlelo, waveza ukuthi kube nokuhlelwa ngasese ukuthi amanye amathuba alinganiselwa kumaphesenti angamashumi amane anikezwe abantu bendawo. Lokho kungenye yezindlela zokuthuthukisa imiphakathi ngamathuba adalwa yiPaki. Phezu kwalokho, lapha eSimangaliso, izinto ezimayelana nokuhlomulisa imiphakathi kuyizinto eziseqhulwini, kunamathuba emisebenzi akhandelwe intsha efundile, imiphakathi ehlwempu kanye nezinye izinhlaka zemiphakathi ezinentshisekelo yokuba namabhizinisi asebenza ngaphakathi ePaki. Njengoba kuqaliswe lolu hlelo, sekusetshenziswe imali engaphezu kuka-350 wezigidi kumaphrojekthi imiphakathi ebambe iqhaza kuwo. Kube namathuba emisebenzi angaphezu kwamakhulu amahlanu adaleke eminyakeni emihlanu edlule.
Usihlalo weMakhasa Trust uMnuz. Thokozani Mlambo, wazwakalisa ukubonga okukhulu kwiSimangaliso ukuba sihlele umhlangano wokucobelelana ngolwazi owulolu hlobo. iMakhasa Trust inendawo egcina imvelo futhi enendawo yokulala abavakashi. Bake bafaka isicelo sokuxhashwa kulo msebenzi abawenzayo, ithimba leSimangaliso lizoxhasa ngokuthi libakhele ihholo lokubamba imihlangano, indawo yokujima kanye neyokuwotwawotwa ukuze kuzothuthukiswa inzuzo etholakalayo. iMakhasa Trust izophinde ibambe iqhaza kulolu hlelo. uMnuz Mlambo waveza ukuthi,“iSimangaliso sisithembise ukuthi sizosinikelela ngeziNdlulamithi eziyisithupha okulindeleke ukuthi basilethele zona maduze, ezinye izilwane zizonikelwa ngemuva kukaMfumfu. Inhloso yethu ukuthi sigcine sinazo zonke izilwane ezaziwa ngokuthi yi-Big 5.” Waveza ukuthi kukhona amathuba emisebenzi adalekile njengoba bekunosonkontilaka obesebenza ukwakha iloji, kuphindwe kwafakwa isicelo ethimbeni leSimangaliso ukuba lixhase ngokwakha ihholo lokubambela imihlangano. “Siyakuthokozela kakhulu ukuthola leli thuba lokuba ingxenye yomhlangano wokucobelelana ngolwazi futhi sethemba ukuthi akukhona okokugcina ngoba imihlangano efana nalona iyasisiza kakhulu ngokusihlomulisa ngolwazi esikwazi ukuphinde siludlulisele emphakathini ukuze imiphakathi nayo yazi ngezokuvakasha.” Leli thimba le-GEF lisebenza ngoxhaso olulawulwa yibhange lomhlaba ukuze kulekelelwe amaphrojekthi agxile ekuthuthukiseni izindawo ezinomnotho otholakala ekuphathweni kwemvelo onhlobonhlobo kanye nakuzo zonke izindawo ezivikelwe lapha eNingizimu Afrika. UMnyango wakwa-DFFE wona umele uhulumeni waseNingizimu Afrika ekwenziweni kwalo msebenzi. USANBI, SANParks kanye nesiSimangaliso Wetland Park Authority, bona basebenzisana noMnyango wakwa-DFFE ekuqalisweni kwezinhlelo. UGEF esigabeni sesikhombisa uqale ngonyaka ka-2018 ukusebenza.


Ngaphansi kwalolu hlelo, iSimangaliso sisezinhlelweni zokuxhasa lama phrojekthi:

Sekukhona osekuvunyelwene ngakho ukuthi kuzoba umsebenzi okuzoqalwa ngawo. Lowo msebenzi uzokwenyusa kakhulu amathuba okuthi kuzuze imiphakathi. Kunohlaka olusunguliwe olubizwa nge-Project Management Unit (PMU), lusungulwe uMnyango wakwa-DFFE okuwukuthi lolo hlaka lubhekane nokuphathwa nokwenziwa kwamaphrojekthi. iSimangaliso Wetland Park Authority sewuhlaka oluphathiswe umsebenzi wokwenza amaphrojekthi ekuthuthukiseni umnotho otholakala ekuphathweni kwemvelo enhlobonhlobo ukuze imiphakathi ikwazi ukuziphilisa ngalowo mnotho kanye nazo zonke izindawo ezivikelwe lapha eNingizimu Afrika.
 
-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.