Skip to main content

IKOMIDI ELIPHEZULU LIHALALISELE iSIMANGALISO WETLAND PARK NGOKUTHOLA UMBIKO ONGENAGCOBHO

23 October 2024
Emhlanganweni obubanjelwe eKapa ngoLwesibili (lomhlaka 15 kuMfumfu 2024), ikomidi eliphezulu loMnyango wezamahlathi, ezokudoba kanye nezemvelo lihalalisele iSimangaliso Wetland Park ngokuphinde sithole umbiko onganagcobho kuMcwaningi mabhuku waseNingizimu Afrika ngonyaka wezimali ka-2023/2024. Lezi zindaba zivele ngenkathi kunesithangami lapho izinhlaka ezingaphansi koMnyango zethula imibiko ngokusebenziseka kwezimali.
Ngaphezu kokuthola umbiko ongenagcobho, iSimangaliso Wetland Park sithole amaphesenti ayikhulu (100%) kukho konke obekuhlelwe ukuba kwenziwe ngonyaka ka-2023/2024. iSimangaliso besicubungulwa ngaphanzi kwezinto ezingamashumi amahlanu nesishiyagalolunye (59 targets) okuyilapho sithole khona umbiko ongenegcobho okwesibili kulandelana. Lo mphumela uqinisekisa ukuzikhandla kobuholi bePaki ekwenzeni umsebenzi ngendlela efanele, ukuphatha kahle kanye nokuzibophezela ukuphatheni ngendlela izimali.
Ngenkathi eba nesethulo umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park, uMnuz. Sibusiso Bukhosini wazisa umhlangano ukuthi izinyathelo ezithathiwe ngaphakathi, ukuthuthukiswa kolwazi kulabo abasebenza emkhakheni wakwa-Supply Chain Management, kanye nokugwema ukusebenzisa izimali ngobudlabha kuleminyaka emine edlule yikho okwenze ukuthi kube nemiphumela emihle. Ngaphezu kwalokho, umbiko ongenagcobho awufikanga-nje wodwa, kodwa kube nokunyuka kwinzuzo ekhandwa yiPaki. Nyakenye kwenziwe inzuzo elinganiselwa kwizigidi ezingamashumi amahlanu nesishiyagalombili (R58 million), kunyaka ka-2023/2024 inzuzo inyukile yaba izigidi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa (R67 million).
Ubuholi bePaki busebenze ngokuzimisela okukhulu ukushintsha inhlese ebikade ikhona phambilini lapho imiphakathi beyinganelisekile ngobukhona bePaki kodwa kwashintshwa lokho ukuqinisekisa ukuthi iSimangaliso siba neqhaza elikhulu ekutheni uhulumeni azuze lokho okuseqhulwini, kuthuthukiswe imiphakathi kuphinde kubhekwane nesihlava sokuntuleka kwamathuba emisebenzi, ububha nobugebengu njalo njalo ukuze kuzoshintshwa isimo senhlalo emiphakathini ehlwempu eyakhelene nePaki. “Ukuhlangana ndawonye kuyisiqalo; Ukugcina ndawonye kuyinqubekela phambili; Ukusebenza ndawonye kuyimpumelelo”, Henry Ford. Lesi sicaphuno sisekela impumelelo etholwe iSimangaliso Wetland Park lapho uma nihambisana ndawonye nimqondo munye kuba nempumelelo.
isi2
“Ngijabule kakhulu, lokhu kuwubufakazi bokusebenza ngokuzikhandla nokubambisana kuphinde kuhanjiswane ndawonye ngomqondomunye,” kusho Inkosi uTembe. iSimangaliso siphinde saqasha intsha eyakhele ipaki engamakhulu amabili ngaphansi kohlelo lwe-Groen Sebenza Internship, baqale ukusebenza ngomhlaka 14 kuMfumfu 2024.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.