Ube nesasa umdlalo obuphakaphi kwaMakhosi neSimangaliso
22 November 2024
Simangaliso Wetland Park Authority sidlulisa ukubonga okukhulu kubo bonke ubuholi bendabuko obungaphansi komaspala wesifunda waseMkhanyakude ngomdlalo obe muhle kakhulu odlalwe enkundlelni eseHluhluwe eSafa Field. iSimangaliso sitholakala ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude, phakathi kobukhosi obuyishumi nambili ukusuka kwaSokhulu kuze kuyofika kwaTembe eManguzi. Lo mdlalo kanobhutshuzwayo ulethe injabulo kuzo zonke izingxenye njengoba bekuwumdlalo wokuqalangqa.
Owayengumongameli waseNingizimu Afrika uNelson Mandela, kusicaphuno sakhe esidumile wathi, “Ezemidlalo zinamandla ukushintsha umhlaba. Zinamandla okugqugquzela. Zinamandla okuhlanganisa abantu”. Kuliqiniso impela ukuthi ezemidlalo zihlanganisa abantu ziphinde zenze kube nemizuzu yenjabulo kubantu. Kukholwakala ukuthi le mizamo eqhubekayo yokuthi kuhlanganwe namakhosi izosiza ukuthi kuqiniswe ubudlelwano obukhona phakathi kweSimangaliso Wetland Park Authority kanye nobuholi bendabuko, kuphinde kulekelele ukuthi izimpilo zababambiqhaza zibe sesimeni esikahle. Amakhosi amangaze iSimangaliso njengoba umdlalo uphele zibambene ngamagoli amabili enaqenjini omabili, ekubeni kuthe kushaya isikhathi sekhefu amakhosi abelandela ngemuva ngamagoli amabili eqandeni.
Ngaphambi kwalo mdlalo, Amakhosi aqale abamba umhlangano obanjwa njalo ngekota obubanjelwe ehhotela eliseHluhluwe. Kulo mhlangano, umphathi omkhulu weSimangaliso uMnuz. Sibusiso Bukhosini ubike eMakhosini ukuthi uhlelo lokususwa kobhaqu ePaki luzoqhutshezwa kuphindwe kwengezwe osonkontileka okuwukuthi lokho kuzodala amanye amathuba emisebenzi azohlomulisa imiphakathi eyakhelene nepaki ukuze kuzoxoshwa ikati eziko. Phezu kwalokho, waphinde wabika emhlanganweni ukuthi iSimangaliso siphinde sathola umbiko ongenagcobho kumcwaningi mabhuku ohambisana nokuthi kuzuzwe konke obekuhlelwe ukuba kuzuzwe. Lo mbiko wamukelwa ngaMakhosi.
Impumelelo yalo mdlalo kanobhotshuzwayo ibe seyiveza isidingo sokuthi kube umdlalo ozodlalwa minyaka yonke. Kuyazeka ukuthi umdlalo kanobhutshuzwayo ungeminye yemidlalo ehlanganisa abantu. Akungabazwa ukuthi le midlalo izohamba ibanga elide ukuhlanganisa abantu ukuze kuzobhekwana nenselelo ebhekene nezokongiwa kwemvelo okufaka phakathi inselelo yokuzingelwa kwezilwane, inhlupheko kanye nezinye izinselelo ezibhekene nemiphakathi.
End
Abezindaba bengaxhumana nokhulumela iSimangaliso Wetland Park:
Mr Bheki Manzini
Call/Whatsap:060 533 2082
Email: