Skip to main content

iSIMANGALISO SAMUKELA UKUVULEKA KOMLOMO WECHWEBA LASE ST.LUCIA UVULEKA NGOKWEMVELO OKWESIBILI

21 January 2025
Usuphinde wavuleka futhi umlomo wechweba lase St. Lucia wavulekela olwandle lapho owawuvuleke khona phambilini, bude buduze nendunduma enkulu eyazeka kakhulu lapha kwelase Afrika okuyindunduma yesibili ngobude emhlabeni wonke jikelele, eyaziwa ngokuthi yiMaphelane. Izimvula ezinamandla ezibe KwaZulu-Natal ngoMasingana kulo nyaka ka-2025, zenze ukuthi amanzi asuka emfuleni uMfolozi River ebhodloze inhlabathi ebivimbe ukuthi kuhlangane ichweba nolwandle okwenze kwaba lula ukuthi kuhlangane futhi. Umfula uMfolozi bewududula ubheke ezansi ukuyohlangana nechweba okulekelele kakhulu ukuthi kuvuleke umlomo wechweba ekuseni ngomhlaka 10 kuMasingana 2025. Ubusuvaleke iskhathi esilinganiselwa ezinyangeni ezine kusuka ngoNcwaba wonyaka ka-2024.
iSimangaliso sayakwamukela lokhu ikakhulukazi ohlangothini olumayelana nokuphathwa kwechweba. iSimangaliso sizoqhubeka nokubheka isimo sechweba, okufaka phakathi ukuthi kube neqhaza elibanjwa umphakathi. Eminyakeni edlule, umlomo wechweba uke wavuleka ngomhlaka 14 kuMbasa 2022, waphinde wavaleka ngomhlaka 25 kuNcwaba 2024. Sewuphinde wavuleka futhi ngomhlaka 10 kuMasingana 2025, uvuleke endaweni eyodwa nalapho wawuvuleke khona ngoMbasa 2022.
Ngokubheka kwe-Ecologist yeSimangaliso, iveza ukuthi ngenkathi umlomo usavulekile ngenyanga kaNtulikazi, izinga lamanzi lalenziwa indlela amagagasi enza ngayo olwandle nakhuthaze okwenzeka echwebeni kuze kufike ebhulinjini. Noma kunjalo, ngemuva kokuthi umlomo wechweba uvalekile ngoNcwaba, kube nokuzinza kwamanzi ngenyanga kaNcwaba noMandulo 2024. Ulwazi lwakamuva olutholakele kulokhu okufakwe ngaphansi kwebhilinji, ngezansi kuvezwa umbhalomdanti okhombisa izinga lamanzi eku-2.66m okungaphezu kwamanzi asolwandle ngomhlaka 10 kuMasingana 2025. Futhi, okuveziwe kukhombisa ukwehla kwamanzi okube khona echwebeni emahoreni angamashumi amane nesishiyagalombili ngemuva kokuvuleka komlomo wechweba.
Ukuphinde kuvuleke komlomo wechweba ngokwemvelo kuzosiza ukubhekana nenkinga ewundabamlonyeni yamanzi agcwele emasimini abantu ezindaweni ezinokuma amanzi ezifana naseDukuduku, kwaSokhulu kanye nakwezinye izindawo lapho kulinywa khona ngenhloso yokuhweba. Ubuholi beSimangaliso buthole izikhalazo ezivela kwababambiqhaza kanye nabo bonke abathintekayo, nokuyingakho iSimangaliso sisaqhubeka nokuhlangana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo kulolu daba ukuba senze izethulo mayelana nokwenziwayo ukulungisa isimo sechweba.
Ezinye izilwane, ezifana nezimfishi ezihlala emanzini anganawo usawoti okufaka phakathi obhabhula, i-Tilapia kanye nabanye ofishi baguguleke bayongena olwandle, ulwandle lwase lubachithela ngaphandle ngoba abakwazi ukuphila khona. Kunemihlanga kanye nayo yonke imfucuza eze nomfula uMfolozi. Uma kuyihamba, amanzi aba mancane ngasemlonyeni wechweba, izinyoni ezifana neYellow-billed Storks, iHerons, kanye ne-Egrets ziyabonakala zidla ngasemlonyeni wechweba.
iSimangaliso sithanda ukwazisa umphakathi ukuba uphephe uma udoba/ubhukuda noma uye ebhishi elaziwa ngokuthi ingwe, uqaphele ngoba kuke kwabonakala oshaka kanye nezingwenya kuleyo ndawo. iSimangaliso sizoqhubeka nokubheka isimo sechweba esihambisana nohlelo oluvele lukhona lwe-Integrated Management Plan.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.