
Imali yokungena emagedeni eSimangaliso Wetland Park kunyaka ka-2024-2025
13 December 2024
Sekuyileso sikhathi sonyaka lapho iSimangaliso Wetland Park Authority’s sibuyekeza imali yokungena emagedeni minyaka yonke. Izindaba ezimnandi ezokuthi ibhodi leSimangaliso ligunyaze ukuthi imali ekhokhwa abavakashi bakuleli laseNingizimu Afrika ingashintshwa bese kuba nezinguquko ezincane kubavakashi abavela kumazwe omhlaba ukuhambisana nezinga lokushintshisana ngomnotho. Kwavunyelwana ngo elethu kuleso sinqumo, njengoba ibhodi likholelwa ekutheni ukuze ezokuvakasha zizoba nozinzo, kumqoka ukuthi kubhekwe isimo somnotho wezwe kuphindwe kubhekwe ukuthi lokho kungaba namthelela muni kubavakashi labo iSimangaliso esihlose ukubaheha ngasikhathi sonke kungeve kuwukuthi bahehelwa ngesikhathi samaholidi kuphela. Ibhodi liphathiswe umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi kuyangeneka emagedeni eSimangaliso Wetland Park ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi imiphakathi engathathi ntweni eyakhelene nePaki. Phambilini ngonyaka ka-2023/2024, kwanyuswa ngamaphesenti ayisihlanu nje vo.
Njengobufakazi bokuphatha kahle, iSimangaliso siphinde sathola umbiko ongenagcobho kumcwaningi mabhuku waseNingizimu Afrika ngesabelomali sika 2023/2024. Lokhu sekwenzeke izikhawu ezimbili kulandelana. “Kuhlezi kumqoka ukugcina iSimangaliso Wetland Park sakha inzuzo kodwa ngakolunye uhlangothi kumele kuqinisekiswe ukuthi akuhlalwa entanyeni kubantu”, kusho umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park Authority, uMnuz. Sibusiso Bukhosini.
End
-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: