Skip to main content

UMUZWA WESIMANGALISO WETLAND PARK NGEMASHI

30 April 2025
iSimangaliso Wetland Park siyakuqinisekisa ukuthi ngomhlaka 28 kuMbasa 2025, kwakukhona imashi eyayibheke emahhovisi eSimangaliso ihlelwe iqembu lepolitiki. iSimangaliso sathola ukuthi lemashi yayimayelana nokuphoqa ukuba kuvulwe umlomo wechweba i-Lake St. Lucia kanye nokubuyiselwa komhlaba ovikelwe owaziwa ngokuthi iFutululu. Ukuze bathole uxhaso, ababekulemashi okungumphakathi wakwaSokhulu kanye naseDukuduku benziwa ukuba bakholwe ukuthi iSimangaliso sivale umlomo ngenhloso yokuvimba amanzi ukuba angangeni olwandle, nokuyingakho amasimu abo egcwele amanzi.
Ngesikhathi semashi, kwavela ngokusobala ukuthi abahleli bemashi banikeza iningi labamashayo ulwazi okungelona ngenkathi kuvela iqiniso elithi umlomo wechweba i-St. Lucia wavuleka mhla ziyi-10 kuMasingana 2025, futhi savulekile kuze kube namhlanje. Abamashi bamashela emahhovisi eSimangaliso kodwa okwenzeka okungajwayelekile ukuthi abamashi babengaluphethe uhlu lwezikhalazo okwakumele lwamukelwe iSimangaliso. Abahleli bemashi bama emasangweni eSimangaliso bathula inkulumo, bengaluphethe uhlu lwezikhalazo okwakumele kuvunyelwane ngazo, nokumele iSimangaliso siphendule kuzona. Ngale kokuthi imashi yayingosuku lweholidi nokuwusuku amahhovisi eSimangaliso angasebenzi ngalo, abaholi beSimangaliso baqinisekisa ukuthi babakhona ukuzokwamukela uhlu lwezikhalazo zabamashayo.
Lokhu akushaqisanga neze njengoba izizathu ezasetshenziswa abahleli bemashi ukuheha abantu ukuba babe inxenye yalemashi zazingamampunge, okwakuhlosiwe ngale mashi kwaziwa osopolitiki abahlelelemashi. Iqiniso lithi, ukuguquguquka kwesimo sezulu kuyinto ekhungathe umhlaba wonke, izimvula ezinamandla ezisezindaweni eziningi ngaphansi kwesifundazwe saKwaZulu-Natali ziwubufakazi balesimo esibi esibhekene naso, futhi alikho iqhaza elibanjwe iSimangaliso kulokhu. Ukukhuphuka kwamanzi emasimini kudalwa izimvula ezinamandla ezilokhu ziqhubeke njalo lapha KwaZulu-Natali, futhi amasimu amaningi athintekile asezindaweni eziqondile nokwenza kube lula ukuthi amanzi ahlale bese kubhebhetheka lenkinga.
Ubuholi beSimangaliso busazibophezele ukusingatha imihlangano yohlaka olubhekelele udaba lomlomo elifaka phakathi zonke izinhlaka ezithintekayo nokufaka phakathi abalimi abahwebayo, abalimi abasebancane, amalunga omphakathi wakwaSokhulu kanye neDukuduku , abadobi, kanye nabanye. Lelithimba lihlose ukudingida zonke izinkinga ezibhekane nechweba lase-St Lucia, futhi lizoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuthola isisombululo esiyoqeda izinkinga. Besingekho nhlobo isizathu semashi njengoba kusetshenzwa ngokubambisana nabo bonke ababambe iqhaza usombulula izinkinga
IMIBUZO NGODABA LOMHLABA OWAZIWA NGOKUTHI IFUTHULULU
Ihlathi laseFuthululu liyindawo kahulumeni ebhekwe ubuholi beSimangaliso. Imemorandumu yekhabhinethi lesi-5 wango-2002 ekhuluma ngokushiwo uhulumeni mayelana nokukhokhelwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba ovukelekile, izindawo ezonge amagugu omhlaba kanye namahlathi angaphansi kukahulumeni kazwelonke icacile. Ngakho-ke iSimangaliso sicela zonke izakhamizi ukuba zilandele umthetho waseNingizimu Afrika.

 

Muva nje, kulandela ukuhlaselwa komhlaba wase Futululu okwenzeka ngomhla ziyi-16 kuNcwaba 2022, Amaphoyisa aseNingizimu Afrika abopha labo ababehlasela indawo evikelwe eyaziwa ngokuthi iFutululu. Iqulu labantu lahlasela ihlathi lase Futululu befuna ukufuya kanye nokwakha ngenkani kulomhlaba nokwaholela ekutheni baboshwe. Kwakungesiso esokuqala lesigameko kuhlaselwa lomhlaba. Ngomhla ziyi-21 Ndasa 2022, abantu abalinganiselwa kwi-100 bahlasela ihlathi lase Futululu besebenzisa isango elibhekene nesango lombutho wezokuvikela kuleli (SANDF) eyaziwa ngokuthi i-121 battalion. 

Ngemuva kokuba iSimangaliso sizame kaningi ukukhulumisana nomphakathi kodwa singekho isixazululo, lalilokhu likhule njalo inani Labantu abahlasela lomhlaba.  iSimangaliso saphoqeleka ukuba sicele inkantolo enkulu yaseMngungundlovu ukuba ingenelele. Mhla ziyi-11 kuMbasa 2022, inkantolo enkulu yaseMngungundlovu yakhipha isinqumo sesikhashana esasiveza ukuthi "Abaphenduli kanye nanoma ngubani osebenza kanye nabaphenduli bavinjelwe ukungena noma ukuhlasela, ukuhlala kanye/noma ukususa noma yiziphi izitshalo kanye/noma ukwakha noma yiziphi izakhiwo endaweni eyaziwa ngokuthi yi-Futhululu Forest, ngaphakathi kwe-Simangaliso Wetland Park, ngaphandle kwemvume ye-iSimangaliso Wetland Park Authority"

Isinqumo esakhishwa inkantolo enkulu yaseMngungundlovu mhla ziyi-11 kuMbasa 2022 isona esisasebenza kuze kube inamhlanje.

Kuyishwa elikhulu ukuthi abantu okumele ngabe balekelela imiphakthi ngokunikeza ulwazi okuyilona noluyiqiniso kodwa yibona abadukisa imiphakathi ethikamezekile ngenhloso yokufeza izinhloso zabo. iSimangaliso sisazibophezele ukuqhubeka nokwazisa umphakathi ngokwenzekayo mayelana nechweba i-St. Lucia nokuqhubeka nokuhlela imihlangano yethimba elibhekelele ichweba lase-St. Lucia ehlala njalo ngekota.

iSimangaliso sifisa ukudlulisa okukhulu ukuxolisa kubavakashi, osomabhizinisi, kanye nalabo abathikamezekile ngenkathi kunale mashi. Lokhu kwakungaphezu kwamandla eSimangaliso njengoba imashi yayihlelwe ngaphandle futhi iSimangaliso singaziswanga ngokusemthethweni.

Ukwazi kabanzi ngodaba lomhlaba ovikelwe iFuthululu:

·         iSimangaliso Wetland Park - iSimangaliso welcomes the court order handed down by the Pietermaritzburg High Court

·         iSimangaliso Wetland Park - iSimangaliso Wetland Park welcomes the court ruling on the futhululu matter

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.