
UMUZWA WESIMANGALISO WETLAND PARK NGEMASHI
30 April 2025
Muva nje, kulandela ukuhlaselwa komhlaba wase Futululu okwenzeka ngomhla ziyi-16 kuNcwaba 2022, Amaphoyisa aseNingizimu Afrika abopha labo ababehlasela indawo evikelwe eyaziwa ngokuthi iFutululu. Iqulu labantu lahlasela ihlathi lase Futululu befuna ukufuya kanye nokwakha ngenkani kulomhlaba nokwaholela ekutheni baboshwe. Kwakungesiso esokuqala lesigameko kuhlaselwa lomhlaba. Ngomhla ziyi-21 Ndasa 2022, abantu abalinganiselwa kwi-100 bahlasela ihlathi lase Futululu besebenzisa isango elibhekene nesango lombutho wezokuvikela kuleli (SANDF) eyaziwa ngokuthi i-121 battalion.
Ngemuva kokuba iSimangaliso sizame kaningi ukukhulumisana nomphakathi kodwa singekho isixazululo, lalilokhu likhule njalo inani Labantu abahlasela lomhlaba. iSimangaliso saphoqeleka ukuba sicele inkantolo enkulu yaseMngungundlovu ukuba ingenelele. Mhla ziyi-11 kuMbasa 2022, inkantolo enkulu yaseMngungundlovu yakhipha isinqumo sesikhashana esasiveza ukuthi "Abaphenduli kanye nanoma ngubani osebenza kanye nabaphenduli bavinjelwe ukungena noma ukuhlasela, ukuhlala kanye/noma ukususa noma yiziphi izitshalo kanye/noma ukwakha noma yiziphi izakhiwo endaweni eyaziwa ngokuthi yi-Futhululu Forest, ngaphakathi kwe-Simangaliso Wetland Park, ngaphandle kwemvume ye-iSimangaliso Wetland Park Authority"
Isinqumo esakhishwa inkantolo enkulu yaseMngungundlovu mhla ziyi-11 kuMbasa 2022 isona esisasebenza kuze kube inamhlanje.
Kuyishwa elikhulu ukuthi abantu okumele ngabe balekelela imiphakthi ngokunikeza ulwazi okuyilona noluyiqiniso kodwa yibona abadukisa imiphakathi ethikamezekile ngenhloso yokufeza izinhloso zabo. iSimangaliso sisazibophezele ukuqhubeka nokwazisa umphakathi ngokwenzekayo mayelana nechweba i-St. Lucia nokuqhubeka nokuhlela imihlangano yethimba elibhekelele ichweba lase-St. Lucia ehlala njalo ngekota.
iSimangaliso sifisa ukudlulisa okukhulu ukuxolisa kubavakashi, osomabhizinisi, kanye nalabo abathikamezekile ngenkathi kunale mashi. Lokhu kwakungaphezu kwamandla eSimangaliso njengoba imashi yayihlelwe ngaphandle futhi iSimangaliso singaziswanga ngokusemthethweni.
Ukwazi kabanzi ngodaba lomhlaba ovikelwe iFuthululu:
End
-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: