Skip to main content

ISIMEMO SOKUPHAWULA OKUBHALWE PHANSI KANYE NOKUBA YINGXENYE YOKUBONISANA NGOMKHANKASO WOKUNWEBA iSIMANGALISO WETLAND PARK WORLD HERITAGE SITE KUYA EMAPUTO NATIONAL PARK

17 June 2025

Umlando Omfushane

UHulumeni waseMozambikhi uqale umkhankaso wokuba iPaki Lesizwe saseMozambikhi lihlonzwe njengengenye yeziNdawo eyigugu lomhlaba phakathi kwemingcele yamazwe amabili ngokunweba nokwandisa ububanzi besiSimangaliso Wetland Park World Heritage Site. Kuleli qophelo, uHulumeni waseMozambikhi uxhumene nowaseNingizimu Afrika uwunxenxela lomkhankaso. Kungumgomo weNhlangano Yezizwe i-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization (UNESCO) ukuthi izwe okuyilona elizonweba indawo yesiqiwu libhale incwadi eyeseka isicelo sokunweba indawo eyigugu njengengxenye yesethulo. UNgqongqoshe WezaMahlathi, Izinhlanzi kanye Nezemvelo (Ungqongqoshe obhekele uMnyango) eNingizimu Afrika usewesekile ngokomthetho umbono              walomkhankaso, embandeleni wokuthi kumele kuphothulwe uhlelo lokuqoqwa kwemibono kanye neziphakamiso  phakathi kwazo zonke izinhlaka ezithintekayo ngasohlangothini lwase Ningizimu Afrika ngokulandela umgomo weNqubo Echibiyelwe kanye Nemibandela yokuqokwa kweziNdawo Eziyigugu Lomhlaba eNingizimu Afrika Wonyaka ka-2022, owashicilelwa kuMqulu oyiSaziso onguNombolo. 2251 weGazethi kaHulumeni enguNombolo. 46685 wangomhla ka-8 kuNtulikazi ka-2022.

 

Makhathaleni,  iNhlangano ezimele i-Peace Parks Foundation,  uMnyango Wezamahlathi, Izinhlanzi kanye Nezemvelo (owaziwa      nge-DFFE)), kanye nabaPhathi besiQiwu iSimangaliso, izoqhuba uhlelo lokubonisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo maqondana nesiphakamiso ngokuhlinzeka ngezinkundla zokuxoxisana ngokubambisana kwabo bonke abathintekayo, bahlonze baphinde     baphakamise okungaba imithelela yaseNingizimu Afrika ekwandiseni iSimangaliso World Heritage Site, bese ithula umbiko ogcwele oqukethe iziphakamiso.

Uma udinga ulwazi olungaphezu, sicela uthinte uMnuz. Sizolwenkosi Sibiya kulenombolo: 082 891 0282.

 

Ukuphawula kwakho konke okubhaliwe, imibono kanye neziphakamiso kungathunyelwa ku: 

Mnuz uSiqiniseko Gumbi

Imeyili    : This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.

Ucingo : 083 944 1451  

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.