Isaziso Kubavakashi BaseSimangaliso – Isexwayiso ngoshaka

18 Dec 2017

Mvakashi  othandekayo,

iSimangaliso Wetland Park Authority sithanda ukukhumbuza abavakashi ikakhulukazi abavakashela emabhisi eSt Lucia ngobukhona boshaka.

Oshaka abaziwa nge Zambezi (Bull) shark yibona abavamile olwandle lwethu kanti phakathi nesonto eledlule, baphinde babonakala olwandle ngase Jabula Beach. Awekho amanethi okuvimba oshaka kulo lonke ulwandle oluvikelekile lwaseSimangaliso. Oshaka yizilwane ezizingelayo ezibalulekile kanti bavikelwe ngokomthetho wokongiwa kwemvelo yasolwandle.

Abavakashela olwandle bayelulekwa ukuthi ukubhukuda akukhuthazwa, hhayi nje kuphela ngenxa yokutholakala kwalezi zilwane kodwa namagagasi anamandla anobungozi.
Ukwelekelela abavakashi ngokuphepha ebhishi, kuqashwe abaqaphi abangu-38 ukuba sogwini lwesiSimangaliso oluingaphezu kuka-200km ngalesi sikhathi esibucayi kakhulu samaholidi, kanye nabahlengi ababili ebhishi ngalinye eJabula, Main naseCape Vidal.Abaqaphi  bazoba semabishi amahora ayisishiyagalombili ngosuku futhi babonakale ngezikibha namakepisi aseSimangaliso. Sicela uhloniphe izixwayiso ezinikezwa abaqaphi abazosebenzisa izimpempe ukuze bamemezele futhi bacebise abathintekayo uma kunesidingo sokushiya amanzi ngenxa yobungozi obusolekayo.

Isikhulu esiphezulu se-iSimangaliso u-Anis Karodia uthi: “Sinxusa bonke abavakashi emabishi ukuba baqaphele ukuqinisekisa ukuthi bajabule futhi bavikelekile eSimangaliso kulesisikhathi samaholidi. Uma kukhona izigameko eziphuthumayo sicela ushayele lenombolo u-082 797 7944 nemininingwane. ”

Siyabonga.