Skip to main content

iSimangaliso sihlomisa imiphakathi ngokubhalwa kwezicelo zoxhaso

08 February 2024
Ithimba leSimangaliso lihlanganyele nomphakathi emhlanganweni wokufundiswa ngekhono lokubhala isicelo soxhaso. Lo mhlangano bewubanjwe mhlaka 13 kuya ku14 kuNtulikazi 2023 ngenhloso yokulekelela osomabhizinisi abasakhula ngokubhalwa kwezicelo zoxhaso olufika emalini elinganiselwa ku-USD50,000. Emhlanganweni wakamuva, kube nokucobelelana ngolwazi mayelana nokuthuthukiswa komphakathi. Lokhu kuza ngemuva kokuthi ithimba leGEF-7 liveze ithuba lokuxhasa abafuna ukwenza amaphrojekthi angeqi kusamba sika-USD50 000. Kube sekuthathwa isinqumo sokuthi kube nomhlangano wokufundiswa ngokubhalwa kwesicelo soxhaso lapho bekumenywe osomabhizinisi abasakhula ukuba nabo balekelele abanye mayelana nokubhalwa kwencwadi yokufakwa kwesicelo soxhaso ngaphansi kwalolu hlelo.
Ithimba leSimangaliso lidlulise isimemo kweminye iminyango ehlukene kanye nomasipala ukuba bezolekelela mayelana nokufundisa kokubhalwa kwalezi zincwadi zokucela uxhaso kanye nokuphendula imibuzo evelayo. Imiphakathi ongomakhelwane nepaki ilamukele ithuba elinikwe iSimangaliso njengoba bebephume ngothi lwabo ukuzothamela lo mhlangano wokufundiswa. Phambilini, kuke kwaba nomhlangano lapho abaholi bezinhlangano ezidinga uxhaso befike eSimangaliso ukuzokwethula izicelo abafisa ukuxhaswa ngazo.
Omasipala ababa yingxenye yalo mhlangano kwaba yi-Big 5 Hlabisa Local Municipality, Mtubatuba Local Municipality, Jozini Local Municipality, uMhlabauyalingana Local Municipality, kanye noMhlosinga Development Agency. Ngaphezu kokufundiswa komphakathi, lokhu kukhomba ukuzibophezela okukhona mayelana nokuthuthukiswa komphakathi ngokuhlanganyela kwezinhlaka ezahlukene, kudaleke ukugqugquzeleka kulo mhlangano kanye nempumelelo, kwananele kuyo yonke imingcele yeSimangaliso Wetland Park.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.