Skip to main content

iSimangaliso Wetland Park Authority samukela isinqumo esikhishwe inkantolo enkulu yaseMgungundlovu

23 June 2022
EMgungundlovu namuhla, ngomhlaka-23 kuNhlangulana 2022, inkantolo enkulu yaseNingizimu Afrika ophikweni oluKwaZulu-Natal ikhiphe isinqumo esiwumnqamulajuqu esivuna iSimangaliso Wetland Park Authority neZemvelo KZN Wildlife. iSimangaliso Wetland Park Authority sicele inkantolo ukuthi ivimbele umphakathi waseDukuduku kanye neminye ewuzungezile ekungeneni ngokungemthetho ihlasele indawo eyaziwa ngokuthi iFutululu eseduze naseDukuduku e-St lucia.
Ekukhishweni kwesivimbelo, umhlonishwa umahluleli uMossop uyalele ukuthi abaphenduli ababalulwe kumyalelo, kanye nanoma ubani osebenzisana nabo, ukuthi bayavinjelwa ukuba bangene noma behlasele, behlale noma bangasusi lutho oluyizimila, futhi bengimisi lutho oluyizakhiwo endaweni eyaziwa ngokuthi ihlathi iFutululu eliphakathi kweSimangaliso Wetland Park, ngaphandle kwemvume yeSimangaliso Wetland Park.
iSimangaliso Wetland Park Authority neZemvelo KZN Wildlife bafune isinxaphezelo esiphuthumayo enkantolo kulandela ukuhlaselwa kwehlathi laseFutululu iqoqo labantu ebeliqala ukubulala izimila nemizamo yokuthengisa indawo ngokungemthetho emphakathini. Abahlaseli bendawo baqale lapha komhlaka-21 kuNdasa 2022 ukuhlasela. iSimangaliso Wetland Park Authority ngokubambisana neZemvelo KZN Wildlife bazamile ukuthi baxoxisane nabahlaseli bendawo emizameni yokuthola isixazululo sale ndaba nokuthola isixazululo esinokuthula. Kuthe uma lokhu kuxoxisana kungatheli imiphumela emihle, iSimangaliso sigcine silunikela enkantolo lolu daba ukuthola isinxaphezelo esiphuthumayo. Inkantolo iqale yakhipha umuyalelo wesikhashana obuvimbela abahlaseli ukuthi bengaqhubeki nezenzo ezingavumelekile kanye nokuhlasela indawo, kusalindwe ukulalelwa komnqamulajuqu ngale ndaba kanye nokukhishwa komyalelo ongumnqamulajuqu.
Enkantolo, iSimangaliso neZemvelo besimelwe abameli beD’Arcy Hermann Raney kanye noMmeli u-Andrea Gabriel SC noSithandiwe Mdletshe base-Durban Bar. Umyalelo wenkantolo owumnqamulajuqu ukhishwe wangaphikiswa muntu.
iSimangaliso sahlonzwa njengendawo yokuqala eNingizimu Afrika elondoloza umlando namagugu omhlaba eyabekwa yinhlangano i-UNESCO ngoka ka-1999. Abaholi abafana nowayenguMongameli ongasekho uNelson Mandela basiza kakhulu ekufakeni ohlwini iSimangaliso njengendawo yokulondolozwa komlando namagugu omhlaba. Ephawula ngobuhle beSimangaliso ngaleso sikhathi wathi, “iSimangaliso kumele kube iyona kuphela indawo emhlabeni lapho isilwane esidala esincelisayo (uBhejane) kanye nesilwane esikhulu somhlaba esincelisayo esihlala emhlabathini (lndlovu) zabelana ngokulinganayo uhlelo lunye nofishi omdala womhlaba (i-Coelacanth) nesilwane esikhulu somhlaba esihlala emanzini (Umkhome).
Umphathi omkhulu weSimangaliso uMnumzane Sibusiso Bukhosini usamukelile namuhla isinqumo senkantolo wase enza isibophezelo sokuthi iSimangaliso sizoqhubeka sixoxisane nemiphakathi esisondelene nayo ukwethula izinkinga eziphakanyiswa imiphakathi eyakhelene nepaki.

End

-End- Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority Media enquires: MLO: Mr. Bheki Manzini  Call/WhatsApp: 060 533 2082 Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.